Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 15:22 - IsiZulu 2020

22 Ngakho-ke kwaba kuhle kubaphostoli, kumalunga, nakulo lonke ibandla ukuba kukhethwe amadoda phakathi kwabo, athunyelwe e-Antiyokhiya noPawula noBharnabha, bakhetha uJuda okuthiwa uBharsabha noSila, ababengabaholi phakathi kwabazalwane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Khona kwaba kuhle kubaphostoli namalunga nakulo ibandla lonke ukuthumela e-Antiyokiya noPawulu noBarnaba amadoda akhethiweyo phakathi kwabo, uJuda othiwa uBarsaba noSila, amadoda angabaholi phakathi kwabazalwane,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Kwaba kuhle-ke kubaphostoli namalunga kanye nebandla lonke ukuthumela amadoda athile phakathi kwabo e-Antiyokiya kanye noPawulu noBarnaba; okungukuthi uJuda othiwa uBarsaba, noSila, izinduna phakathi kwabazalwane;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kwaba kuhle-ke kubaphostoli namalunga kanye nebandla lonke ukuthumela amadoda athile phakathi kwabo e-Antiyokiya kanye noPawulu noBarnaba; okungukuthi uJuda othiwa uBarsaba, noSila, izinduna phakathi kwabazalwane;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 15:22
29 Referans Kwoze  

Ngakho-ke sithumele uJuda noSila ukuba bazonitshela mathupha lezo zinto.


UPawula wazikhethela uSila, bahamba benikelwe emseni weNkosi ngabazalwane.


NgoSilvanu, umzalwane othembekile kithi, nginibhalele ngamafuphi ukunikhuthaza, nokufakaza ukuthi yiwo ngokwempela umusa kaNkulunkulu enimi kuwo.


UPawula, uSilvanu, noThimothewu kulo ibandla laseThesalonikha elikuNkulunkulu, uBaba wethu, naseNkosini uJesu Khristu:


UPawula, uSilvanu, noThimothewu kulo ibandla laseThesalonikha elikuNkulunkulu uBaba, naseNkosini uJesu Khristu: makube kini umusa nokuthula.


Kwathi sekufike uSila noThimothewu bevela eMakhedoniya, uPawula wagxila kakhulu ezwini, efakaza kubaJuda ngokuthi uJesu unguKhristu.


UJuda noSila, njengokuba nabo babengabaphrofethi, bakhuthaza abazalwane ngamazwi amaningi abawakhulumayo, babaqinisa.


Base baphakamisa ababili, uJosefa okuthiwa nguBharisabha, owayebizwa futhi ngokuthi nguJustu kanye noMathiyase.


Masinyane, abazalwane bamhambisa uPawula waze wayofika olwandle, kepha uSila noThimothewu basala lapho.


Ngokushesha ngalobo busuku, abazalwane babaphelezela oPawula noSila ukuba baye eBhiriya. Kuthe sebefikile khona, bangena esinagogeni labaJuda.


Abanye kubo bakuvuma lokho, bazihlanganisa noPawula noSila, nesixuku esikhulu samaGriki akholwayo, nabesifazane abaningi abadumileyo.


Wayesethi akulethwe izibani, wagijima ethuthumela, wangena ngaphakathi, wafike wazilahla phambi kukaPawula noSila.


Kepha phakathi nobusuku uPawula noSila bekhuleka bedumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zazibalalele.


Kwathi ukuba abaniniyo babone ukuthi ithemba labo lokuthola inzuzo seliphelile, babamba uPawula noSila, babahudulela esigcawini phambi kwababusi,


Kube kuhle kithi, sinhliziyonye, ukuba sithumele kini amadoda akhethiweyo kanye nabathandiweyo bethu uBharnabha noPawula,


Baloba ngesandla sabo incwadi ethi: “Abaphostoli, amalunga, nabazalwane, bayababingelela abazalwane babezizwe kulo lonke elase-Antiyokhiya, eSiriya naseKhilikhiya.


Umbiko ngabo wafinyelela ezindlebeni zebandla laseJerusalema, lathumela uBharnabha ukuba aye e-Antiyokhiya.


Kuthe lapho abaphostoli eJerusalema sebezwile ukuthi abaseSamariya balemukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo uPhethro noJohane.


Isandla sikaNkulunkulu sasikuJuda ukubenza babe nhliziyonye ukuze bagcine isiyalezo senkosi nesezikhulu ngezwi likaSimakade.


Lokho kwakulungile phambi kwenkosi nasebandleni lonke.


Bonke abantu bakubona lokho, kwaba kuhle emehlweni abo, konke eyakwenzayo inkosi kwathandeka kubo bonke abantu.


Kepha labo ababehlakazekile ngenxa yokuhlushwa okwaqala ngoStefani, bahamba baze bayofika eFenikhe, eKhuphro, nase-Antiyokhiya, bengakhulumanga zwi nakoyedwa, ngaphandle kwabaJuda.


Kepha abanye kubo, amadoda ayevela eKhuphro naseKhurene, kwathi ukuba bafike e-Antiyokhiya, bakhuluma nakumaGriki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu.


Ngalezo zinsuku abaphrofethi behlela e-Antiyokhiya bevela eJerusalema.


Ngakho-ke ibandla labathuma, badabula eFenike naseSamariya. Balandisa abazalwane ngokuphenduka kwabezizwe, baletha intokozo enkulu kubazalwane.


Ngakho-ke kuthe bangabemukisa, behlela e-Antiyokhiya, kuthe sebeqoqele ndawonye ibandla, balinika incwadi.


Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu uJesu Khristu eyashunyayelwa yithi kini: mina, noSilvanu, noThimothewu, ayisiye uyebo noqhabo, kodwa kuYena, kuhlala kunguyebo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite