Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 14:3 - IsiZulu 2020

3 Nokho-ke, bahlala isikhathi eside, befundisa ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, ngokubanika ukuba benze izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Nokho bahlala isikhathi eside, befundisa ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, ibanika ukuba kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Ngakho bahlala isikhathi eside bekhuluma ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, yabanika ukuba kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngakho bahlala isikhathi eside bekhuluma ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, yabanika ukuba kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 14:3
17 Referans Kwoze  

UNkulunkulu efakaza kanye nabo ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngemisebenzi yamandla enhlobonhlobo, nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele ngokwentando yakhe.


“Manje senginethula kuNkulunkulu nasezwini lomusa wakhe, Yena unamandla okwakha nokwabela ifa kubo bonke abangcwelisiweyo.


Kepha ukuphila kwami ngikushaya indiva ukuze kungabi yigugu kimi; okubalulekile ukuba ngiluphothule uhambo lwami nomsebenzi engawunikwa yiNkosi uJesu ukuba ngifakaze ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.


Kepha noma sasihlushiwe phambilini, futhi saphathwa kabi eFiliphi, njengokuba nazi, nokho saba nesibindi kuNkulunkulu wethu, sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu, sibhekene nobunzima obukhulu.


Ngokuba anginamahloni ngevangeli, ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGriki;


Baphuma bashumayela ezindaweni zonke; iNkosi yayisebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezazibalandela.


Thina singofakazi balezo zinto kanye noMoya oNgcwele uNkulunkulu amnikile labo abamlalelayo.”


“Madoda akwa-Israyeli, lalelani lawa mazwi: uJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla, ngezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phambi kwenu, njengalokhu nani luqobo nazi,


UPawula noBharnabha bakhuluma ngesibindi, bathi: “Bekuswelekile ukuba izwi likaNkulunkulu lishunyayelwe kini kuqala, kepha njengalokhu nilinqaba, nizisholo nina ngokwenu ukuthi anifanele ukuphila okuphakade, bhekani-ke, sesiphendukela kwabezizwe.


Ngakho-ke uJesu wathi enduneni: “Ngaphandle kokuba nina nibone izibonakaliso nezimangaliso, anisoze nakholwa.”


Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo ababehlanganele kuyo, bonke bagcwaliswa nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite