Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 14:1 - IsiZulu 2020

1 Kwathi sebese-Ikhoniya bangena esinagogeni sabaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGriki.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni* labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 14:1
33 Referans Kwoze  

Wayeqagulisana nabo njalo ngeSabatha esinagogeni, wazuza abaJuda namaGriki.


Sebethintithile uthuli lwezinyawo zabo, baqhubekela e-Ikhoniya.


UPawula noBharnabha bakhuluma ngesibindi, bathi: “Bekuswelekile ukuba izwi likaNkulunkulu lishunyayelwe kini kuqala, kepha njengalokhu nilinqaba, nizisholo nina ngokwenu ukuthi anifanele ukuphila okuphakade, bhekani-ke, sesiphendukela kwabezizwe.


Sebelishumayele ivangeli kulowo muzi, bazuza abafundi abaningi, base bebuyela eListra, nase-Ikhoniyu nase-Antiyokhiya,


Akusekho mJuda namGriki, oboshiweyo nokhululekileyo; akusekho owesilisa nowesifazane, ngokuba nonke nimunye kuKhristu uJesu.


Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGriki, lokhu Yena uyiNkosi yabo bonke, futhi ubacebele bonke abakhuleka kuye,


Ngokuba anginamahloni ngevangeli, ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGriki;


Lokho kwaziwa yibo bonke abaJuda namaGriki akhileyo e-Efesu, bonke behlelwa ngukwesaba; ladunyiswa igama leNkosi uJesu.


Wayesengena esinagogeni, wakhuluma ngesibindi izinyanga ezintathu, ephikisana nabo futhi ebanxenxa ngombuso kaNkulunkulu.


UKhrisphu, umphathi wesinagoge nabo bonke abendlu yakhe, bakholwa yiNkosi; nabanye abaningi baseKhorinte abalalela, bakholwa, babhabhadiswa.


Ngakho-ke iningi labo lakholwa, nabesifazane abaqavile bamaGriki namadoda amaningana.


Abanye kubo bakuvuma lokho, bazihlanganisa noPawula noSila, nesixuku esikhulu samaGriki akholwayo, nabesifazane abaningi abadumileyo.


Kuthe sebehlakazekile ababesesinagogeni, iningi labaJuda nabaphroselithe akhonzayo balandela uPawula noBharnabha, abakhuluma nabo bebancenga ukuba bahlale emseni kaNkulunkulu.


Isandla seNkosi sasinabo, abantu abaningi kakhulu bakholwa, baphendukela eNkosini.


Kwathi kungakapholi maseko, wayeseshumayela ngoJesu emasinagogeni, ukuthi Yena uyiNdodana kaNkulunkulu.


bamemeza bathi: “Madoda akwa-Israyeli, yelekelelani! Nguye lo muntu ofundisa bonke ezindaweni zonke okuphambene nesizwe, nomthetho, nale ndawo, futhi ufike namaGriki wawangenisa ethempelini, wayingcolisa le ndawo engcwele.”


Ngifakaza kubaJuda nakumaGriki ukuba baphendukele kuNkulunkulu nokuba bakholwe yiNkosi yethu uJesu.


Ngakho-ke wayexoxa esinagogeni nabaJuda nakuwo amakholwa nasesigcawini, nsuku zonke kulaba ababelapho.


UPawula wahamba waze wafika eDerbe naseListra. Lapho kwakukhona umfundi othile, igama lakhe kunguThimothewu, indodana yowesifazane okholwayo wakwaJuda, kodwa uyise wayengumGriki,


Kepha abaJuda abangakholwanga, bavukuza bazithukuthelisa bazenza zaba zimbi izinhliziyo zabezizwe ngabazalwane.


Lapho befika eSalami, bashumayela izwi likaNkulunkulu emasinagogeni abaJuda; babehamba noJohane owayebasiza.


Kwakukhona amaGriki athile kulabo abakhuphukele emkhosini ukuba bayokhonza.


Ngakho-ke abaJuda babuzana bodwa, bathi: “Uzakuya kuphi lo muntu lapho singeke samthola khona na? Ngabe uzakuya kwabahlakazekele kumaGriki, ayofundisa amaGriki na?


lapho kungekho mGriki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kodwa uKhristu uyikho konke, kubo bonke.


Kepha ngisho uThithu esasihamba naye engumGriki, akaphoqwanga ukuba asoke.


Lokho kwenzeka iminyaka emibili, kwaze kwathi bonke abakhile e-Asiya balizwa izwi leNkosi, abaJuda namaGriki.


Kepha lo wesifazane wayengumGriki owayezalelwe eSirofenike, wamnxusa uJesu ukuba akhiphe idimoni endodakazini yakhe.


bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla labo abasindiswayo.


Kepha kwafika abaJuda ababevela e-Antiyokhiya nase-Ikhoniyu, sebezizuzile izixuku zaba ngakubo, bamkhanda uPawula ngamatshe, base bemhudulela ngaphandle komuzi, becabanga ukuthi ufile.


owayenconywa ngabazalwane baseListra nabase-Ikhoniyu.


ukuhlushwa nezinhlupheko ezangehlela e-Antiyokhiya, e-Ikhoniyu naseListra. Izinhlupheko engazihluphekayo, ngazibekezelela, iNkosi yangikhulula kukho konke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite