Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 13:5 - IsiZulu 2020

5 Lapho befika eSalami, bashumayela izwi likaNkulunkulu emasinagogeni abaJuda; babehamba noJohane owayebasiza.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ekufikeni kwabo eSalami bashumayela izwi likaNkulunkulu emasinagogeni* abaJuda; babe noJohane eyisikhonzi sabo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Sebefikile eSalami batshumayela ilizwi likaNkulunkulu emasinagogeni abaJuda, njalo babe loJohane wabancedisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Sebefikile eSalami batshumayela ilizwi likaNkulunkulu emasinagogeni abaJuda, njalo babe loJohane wabancedisa.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 13:5
20 Referans Kwoze  

Sebesukile ePherge baya e-Antiyokhiya ePhisidiya, kwathi sebengenile esinagogeni ngosuku lweSabatha, bahlala phansi.


UPawula noBharnabha bakhuluma ngesibindi, bathi: “Bekuswelekile ukuba izwi likaNkulunkulu lishunyayelwe kini kuqala, kepha njengalokhu nilinqaba, nizisholo nina ngokwenu ukuthi anifanele ukuphila okuphakade, bhekani-ke, sesiphendukela kwabezizwe.


Wayesengena esinagogeni, wakhuluma ngesibindi izinyanga ezintathu, ephikisana nabo futhi ebanxenxa ngombuso kaNkulunkulu.


Wayeqagulisana nabo njalo ngeSabatha esinagogeni, wazuza abaJuda namaGriki.


Ngakho-ke wayexoxa esinagogeni nabaJuda nakuwo amakholwa nasesigcawini, nsuku zonke kulaba ababelapho.


Kwathi sebese-Ikhoniya bangena esinagogeni sabaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGriki.


Sekumkhanyele lokho, wafika endlini kaMariya, unina kaJohane okuthiwa uMakhu, lapho kwakubuthene khona abaningi bekhuleka.


Kwathi kungakapholi maseko, wayeseshumayela ngoJesu emasinagogeni, ukuthi Yena uyiNdodana kaNkulunkulu.


uLuka nguye kuphela onami. Ubokuza noMakhu, ngokuba uwusizo kimi emsebenzini.


Uyakhonza kini u-Aristarkhu oyisiboshwa kanye nami, noMakhu umzala kaBharnabha, enatshelwa ngaye. Uma efika kini, mamukeleni,


UBharnabha yena wanquma ukuhamba noJohane okuthiwa uMakhu.


UBharnabha noSawula babuyela eJerusalema, ngokuba base bekuqedile ukukhonza kwabo, behamba noJohane okuthiwa nguMakhu.


U-Elisha wabuyela emuva, wathatha izinkabi ezimbili, wazihlaba, wapheka inyama yazo ngamajoka ezinkabi. Wanika abantu, badla. Wayesesuka walandela u-Eliya, waba yisikhonzi sakhe.


Nokho akuyukuba njalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu, makabe yisikhonzi senu.


UJehoshafathi wayesethi: “Akekho yini umphrofethi kaSimakade ukuze sibuze kuye ukuthi uthini uSimakade na?” Enye yezinceku zenkosi yakwa-Israyeli yaphendula, yathi: “Ukhona u-Elisha, indodana kaShafathi, okunguye owayegeza izandla zika-Eliya.”


Esekuzwile lokho u-Eliya, wasuka wahamba ukuze asindise impilo yakhe, waya eBheri Sheba kwaJuda, wayishiya khona inceku yakhe.


UMose nenceku yakhe uJoshuwa bavuka, uMose wakhuphukela entabeni kaNkulunkulu.


Wayesethumela eMakhedoniya ababili abamsizayo, uThimothewu no-Erastu; yena uqobo wahlala isikhathi e-Asiya.


Umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi, baphuthuma kanyekanye enkundleni okubukelwa kuyo, bamdumela uGayu no-Aristarku baseMakhedoniya, ababehamba noPawula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite