Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 13:48 - IsiZulu 2020

48 Bekuzwa lokho abezizwe bathokoza, balidumisa izwi leNkosi, bakholwa bonke labo ababemiselwe ukuphila okuphakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

48 Kwathi abezizwe bekuzwa lokho, bathokoza, balidumisa izwi leNkosi; bakholwa bonke ababemiselwe ukuphila okuphakade.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

48 Kwathi abezizwe bekuzwa lokho bathokoza, balidumisa izwi leNkosi, bakholwa bonke ababemiselwe ukuphila okuphakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

48 Kwathi abezizwe bekuzwa lokho bathokoza, balidumisa izwi leNkosi, bakholwa bonke ababemiselwe ukuphila okuphakade.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 13:48
31 Referans Kwoze  

njengalokhu asikhetha kuye ngothando ungakasekelwa umhlaba ukuba sibe ngcwele, singabi nasici phambi kwakhe.


Pho kwenzekani na? Lokhu u-Israyeli akufunayo akakufumananga, kodwa kwatholwa ngabakhethiweyo, abanye benziwa baba lukhuni,


Nginezinye izimvu ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo kufanele ngiziqoqe, ziyakulizwa iphimbo lami, bese ziba mhlambi munye nomelusi munye.


kungesona isizwe nje kuphela, kodwa ukuba aqoqele ndawonye abantwana bakaNkulunkulu abahlakazekileyo, babe munye.


nokuthi makhulu kangakanani amandla akhe kithina esikholwayo, njengokusebenza kwamandla akhe amakhulu,


Ngakho-ke abalamukelayo izwi lakhe babhabhadiswa, kwanezelelwa ngalolo suku abantu okungathi bayizi-3 000.


“Ngathi: ‘Ngizakwenzani, Nkosi, na?’ “INkosi yayisithi kimi: ‘Sukuma, uye eDamaseku, uzotshelwa lapho konke okubekelwe ukuba ukwenze.’


Ngokuba nami ngingumuntu ophethe, nginamabutho aphansi kwami. Ngithi kwelinye: ‘Hamba,’ lihambe. Kwelinye ngithi: ‘Woza,’ lize, nasencekwini yami ngithi: ‘Yenza lokhu,’ ikwenze.”


Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso. Ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu. Lawa akhona amiswe nguNkulunkulu.


Sebemmisele usuku, baya kuye endlini ngobuningi, wabacacisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebanxenxa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaphrofethi, kusukela ekuseni kwaze kwaba kusihlwa.


bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla labo abasindiswayo.


Kepha thina sahamba phambili, sayogibela isikebhe, salibhekisa e-Asu, lapho sasizomgibelisa khona uPawula, ngokuba wayehlele kanjalo, enqume yena ukuthi uzakuhamba ngezinyawo.


Abafundi abali-11 baya eGalile, kuleyo ntaba uJesu ayebayalele yona.


Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge iGama lakho, ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke, uphakamisile iGama lakho nezwi lakho.


Elokugcina, bazalwane, sikhulekeleni ukuba izwi leNkosi lisabalale ngokushesha, lidunyiswe, njengalokhu kunjalo nakini.


Ngiyanincenga manje bazalwane, niyazi ukuthi indlu kaStefana iwulibo lokuqala lwase-Akhaya, nokuthi bazinikela ukuba basize abangcwele,


Sebeyifundile, bathokoza ngamazwi ayo akhuthazayo.


Lokho kwadala ukungaboni ngaso linye nempikiswano phakathi kwabo noPawula noBharnabha, base benquma ukuba uPawula, uBharnabha, nabathile babo bakhuphukele eJerusalema, baye kubaphostoli nakumalunga maqondana nalolu daba.


Sebephuma, babanxusa ukuba baphinde bawakhulume lawa mazwi kubo ngeSabatha elilandelayo.


Kwakukhona ukuthokoza okukhulu kulowo muzi.


“Labo-ke bayakuhamba, baye ekujezisweni okuphakade; kodwa abalungileyo, bayakuya ekuphileni okuphakade.”


Kwathi ukuba umbusi abone okwenzekile, wakholwa, emangaliswa nayimfundiso yeNkosi.


Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu, konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngokwecebo lakhe.


Wakumisa phambilini ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Khristu, njengalokhu kwaba kuhle kuye ngentando yakhe,


kuye futhi sabelwa ifa, njengokuba sasikumiselwe ngaphambilini ngokwecebo lalowo owenza konke ngokwentando yakhe,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite