Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 13:38 - IsiZulu 2020

38 Ngakho-ke makwazeke kini madoda, bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono, nakukho konke ebeningenakulungisiswa kukho ngomthetho kaMose,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 Ngakho-ke makwazeke kini madoda, bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono, nakukho konke ebeningenakulungisiswa kukho ngomthetho kaMose

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

38 Ngakho makwazeke kini, madoda bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

38 Ngakho makwazeke kini, madoda bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 13:38
29 Referans Kwoze  

Kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke; kuqalwe eJerusalema.


Ngilobela nina bantwanyana, ngokuba nithethelelwe izono ngenxa yegama lakhe.


Lowo, uNkulunkulu wamphakamisa ngakwesokunene sakhe ukuba abe yiNkosi noMsindisi, anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono.


okukuyo sinokuhlengwa nokuthethelelwa kwezono.


esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kweziphambeko ngokwengcebo yomusa wakhe,


“Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi le nsindiso kaNkulunkulu ithunyelwe kwabezizwe; bona-ke bayakulalela.”


UPhethro wayesethi: “Phendukani, kube yilowo nalowo ababhabhadiswe egameni likaJesu Khristu, kube ngukuthethelelwa kwezono zenu, khona niyakwemukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.


Nguye, bonke abaphrofethi abafakaza ngaye ukuthi bonke abakholwa nguye bayakwemukela ukuthethelelwa kwezono ngegama lakhe.”


Ngakusasa uJohane wabona uJesu eza kuye, wayesethi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono somhlaba.


Yebo, cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho; ngaphandle kokuchitha igazi, akukho ukuthethelelwa.


Maniphathane ngobumnene, nizwelane, nithethelelane, njengoba noNkulunkulu wanithethelela kuKhristu.


makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa-Israyeli ukuthi ngegama likaJesu uKhristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, uNkulunkulu amvusayo kwabafileyo, kungaye lo muntu emi phambi kwenu, esindile.


Wayesesukuma uPhethro nabali-11, waphakamisa izwi lakhe, wathi kubo: “Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, ngipheni indlebe, nilalele amazwi ami.


“Amasonto angama-70 anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko, nokukhawula izono, nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade, nokunamathelisa umbono nesiphrofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele.


Makwazeke kini ukuthi lokhu angikwenzi ngenxa yenu, kodwa yibani namahloni nihlazeke ngenxa yokuziphatha kabi kwenu, nina ndlu yakwa-Israyeli.”


Abasayukufundisana, kube yilowo nalowo afundise umakhelwane wakhe, noma umfowabo, athi: ‘Yazi uSimakade,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabadala,” kusho uSimakade, “ngokuba ngiyakubathethelela ububi babo, nesono sabo angisayukusikhumbula.”


U-Israyeli makethembe uSimakade, ngokuba umusa ukuSimakade, nokukhulula konke kukuye.


Kepha ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe.


Ubusisiwe umuntu osiphambeko sakhe sithethelelwe, osono sakhe sesuliwe.


Kepha manje unikwe inkonzo enhle ngokwedlulele, njengalokhu engumxhumanisi wesivumelwano esihle kakhulu, esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu.


Ngalolo lusuku kuyakuvulwa umthombo oyakuhlanza izono nokungcola kwendlu kaDavide nabakhileyo eJerusalema.


Kepha noma kungenjalo, makwazeke kuwe nkosi ukuthi asiyukukhonza onkulunkulu bakho, asiyukukhuleka esithombeni segolide osimisileyo.”


Uzakuzala iNdodana, uyiqambe igama uthi nguJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite