Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 13:36 - IsiZulu 2020

36 “Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa kokhokho bakhe, wabona ukubola.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 “Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

36 Ngoba uDavida esekhonze esizukulwaneni sakhe ngentando kaNkulunkulu, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Ngoba uDavida esekhonze esizukulwaneni sakhe ngentando kaNkulunkulu, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 13:36
33 Referans Kwoze  

“Madoda, bazalwane, ake ngisho lokhu kini ngesibindi mayelana nokhokho uDavide, ukuthi wafa, wembelwa, nokuthi ithuna lakhe lisekhona nanamuhla.


UDavide wayeselaliswa kokhokho bakhe, wambelwa emzini kaDavide.


Esemsusile esihlalweni, wabavusela uDavide abe yinkosi, afakaza ngaye ukuthi: ‘Ngimfumene uDavide indodana kaJesayi, umuntu ongowenhliziyo yami, oyakwenza yonke intando yami.’


Kuyothi lapho izinsuku zakho seziphelile, usulele nokhokho bakho, bese ngibeka owozalo lwakho oyakuphuma ezibilini zakho, ngiyakuwuqinisa umbuso wakhe.


UDavide wabusa phezu kwawo wonke u-Israyeli, wenza ubulungiswa nokulunga kubo bonke abantu bakhe.


Yebo, nalabo asebalala bekuKhristu babhubhile.


Emveni kwalokho, wabonwa ngabazalwane abangaphezu kwama-500 ngasikhathi sinye, iningi labo elisaphila namanje, kodwa abanye sebalala.


UJesu wathi: “Susani itshe.” UMartha, udadewabo kamufi, wathi kuye: “Nkosi, useyanuka, ngokuba sekulusuku lwesine lolu.”


Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu, ukufa kuyakubelusa, ngakusasa abaqotho babusa phezu kwabo, isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.


ukuze umuntu aphile ingunaphakade, angaliboni igodi.


Bayolala phansi othulini kanyekanye, izimpethu zibemboze.


ngibize ingcwaba ngithi: ‘Ungubaba,’ nezimpethu: ‘Mame nodadewethu.’


U-Uziya wayeselaliswa nokhokho bakhe; bammbela kokhokho bakhe eduze kwensimu yamadlinza amakhosi, ngokuba bathi: “Ungonochoko.” UJothamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


UJehoshafathi walaliswa kokho bakhe, wembelwa kokhokho bakhe emzini kaDavide. UJehorama, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


URehobhowamu walaliswa kokhokho bakhe, wembelwa emzini kaDavide. U-Abhiya, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


USolomoni wayesekhothama, bamngcwaba kokhokho bakhe, emzini kaDavide uyise. URehobhowamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Kuyothi lapho izinsuku zakho seziphelele ukuba uye koyihlomkhulu, ngimise abozalo lwakho omunye zalweni lwakho, ngiwuqinise umbuso wakhe.


Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”


Kepha asithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenalo ithemba.


Ngokuba anginigodlelanga lutho, ukuba nginganitsheli konke okuyintando kaNkulunkulu.


Wayeseguqa phansi, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Nkosi, ungababaleli lesi sono.” Esekushilo lokho walala ubuthongo.


Nangesikhathi esedlule, kusabusa uSawule, nguwe owawuhola impi ka-Israyeli, uphume nayo ubuye ungene nayo. USimakade uNkulunkulu wakho wathi kuwe: ‘Wena uyakwalusa abantu bami, u-Israyeli; wena uzakuba ngumbusi wabantu bami, u-Israyeli.’ ”


Wafa esemdala, esenelisiwe yizinsuku nengcebo nodumo; uSolomoni, indodana yakhe, wabusa esikhundleni sakhe.


USawula wayevumelene nabo ngokuthi akabulawe. Ngalolo lusuku kwaba nokuhlushwa kwebandla okukhulu eJerusalema. Abazalwane bonke bahlakazekela ezifundeni eJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli kuphela.


Esehambile, inceku eyayinikwe amathalenta ayisihlanu ayipholisanga maseko; yasebenza ngawo, yazuza amanye ayisihlanu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite