Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 13:27 - IsiZulu 2020

27 Ngokuba abakhileyo eJerusalema nababusi babo abamazanga Yena, namazwi abaphrofethi afundwa masabatha wonke, kodwa bawafeza ngokumlahla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Ngokuba abakhileyo eJerusalema nababusi babo abamazanga yena, namazwi abaprofethi afundwa amasabatha ngamasabatha bawagcwalisa ngokumlahla;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 Ngokuba abakhileyo eJerusalema nababusi babo, lokhu bengamazi, noma amazwi abaprofethi afundwa amasabatha ngamasabatha, bawagcwalisile ngokumlahla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Ngokuba abakhileyo eJerusalema nababusi babo, lokhu bengamazi, noma amazwi abaprofethi afundwa amasabatha ngamasabatha, bawagcwalisile ngokumlahla.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 13:27
25 Referans Kwoze  

“Manje, bazalwane, ngiyazi ukuthi nakwenza lokho ngokungazi njengababusi benu.


Bazalwane, angithandi ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo: yazini ukuthi u-Israyeli usenziwe waba lukhuni okwamanje, kuze kupheleliswe isibalo sabezizwe.


Ngokuba kusukela ezizukulwaneni zasendulo, kuyo yonke imizi, bakhona abashumayela ngoMose, ngokuba kuyafundwa masabatha wonke, kuwo wonke amasinagoge.”


nokuthi abaphristi abakhulu nababusi bethu bamnikela kanjani ukuba agwetshelwe ukufa, bambethele esiphambanweni.


okuyibona unkulunkulu waleli lizwe eyiphuphuthekisile ingqondo yabangakholwa, ukuze lingakhanyi kubo ivangeli lenkazimulo kaKhristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.


Kepha yaba lukhuni ingqondo yabo, ngokuba kuze kube yinamuhla uma kufundwa isivumelwano esidala, leyo ndwangu isalokhu ihlezi ingembuliwe, kodwa yembulwa kuphela kuKhristu.


Akukho namunye kubabusi balesi sikhathi obekwazi, ngokuba ukuba bebekwazi, babengeke bayibethele iNkosi yenkazimulo.


Sebemmisele usuku, baya kuye endlini ngobuningi, wabacacisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebanxenxa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaphrofethi, kusukela ekuseni kwaze kwaba kusihlwa.


Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.


nakuba ngangikade ngingohlambalazayo, nozingela amakholwa, nohluphayo. Kepha ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi nangokungakholwa.


Bayakukwenza lokho ngokuba bengamazanga uBaba nami.


Ngakho-ke wathi kubo: “Uma seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, kulapho-ke niyakukwazi ukuthi nginguye, nokuthi angenzi lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu engikufundiswe nguBaba.


UJesu wayesethi: “Ngiyakutshela, Phethro, ukuthi iqhude aliyukukhala namhlanje, ungakangiphiki kathathu ukuthi awungazi.”


UJesu waphendula, wathi kubo: “Nidukile, aniyazi imibhalo namandla kaNkulunkulu.


Nakuba nangakhela uzungu nifuna ukungenzakalisa, kodwa uNkulunkulu wayehlose okuhle, ukuze namuhla kusindiswe izinkumbi zabantu.


UPilatu wabizela ndawonye abaphristi abakhulu, ababusi nabantu,


Nihlola imibhalo ngokuba nicabanga ukuthi kuyo nizothola ukuphila okuphakade, kanti-ke yiyo efakaza ngami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite