Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 13:19 - IsiZulu 2020

19 Esezibhubhisile izizwe eziyisikhombisa eKhanani, wababela izwe lazo, laba yifa labo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Wachitha izizwe eziyisikhombisa ezweni laseKhanani, wababela izwe lazo libe yifa;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Esechithile izizwe eziyisikhombisa elizweni leKhanani, wababela ilizwe labo ngenkatho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Esechithile izizwe eziyisikhombisa elizweni leKhanani, wababela ilizwe labo ngenkatho.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 13:19
16 Referans Kwoze  

“Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ekungenisa ezweni oya kulo ukuba ulidle, axoshe izizwe eziningi phambi kwakho, amaHithi, amaGirigashi, ama-Amori, amaKhanani, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi; izizwe eziyisikhombisa ezinkulu nezinamandla kunawe,


Waxosha abezizwe phambi kwabo. Wadabula izwe, wababela lona, laba yifa labo, izizwe zakwa-Israyeli wazihlalisa emathendeni azo.


Okhokho bethu noJoshuwa balemukela, balingenisa ezweni labezizwe azixosha phambi kobaba, kwaze kwaba semihleni kaDavide,


Yilawo-ke amafa abiwa ngonkatho ngu-Eleyazare, umphristi, uJoshuwa, indodana kaNuni nezinhloko zoyise bezizwana zabantu bakwa-Israyeli eShilo, phambi kukaSimakade, emnyango wethende lokuhlangana. Ngakho-ke baqeda ukwehlukanisa izwe.


Lawa ngamafa u-Israyeli awathola eKhanani, u-Eleyazare umphristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zemindeni yoyise bezizwana zakwa-Israyeli abababela wona.


uSihoni, inkosi yama-Amori, u-Ogi, inkosi yaseBhashani, nemibuso yonke eKhanani.


Izizukulwane zabo zangena kulo, zahlala. Labo ababehlala kulelo lizwe, wabenza bakhonza kuzo. AmaKhanani namakhosi awo nabanye abantu ababehlala ezweni, wabanikela kuzo ukuba zibaphathe ngokuthanda kwazo.


“ ‘Lapho niwela iJordani, nafika eJerikho; izakhamuzi zalo zalwa nani, kanjalo nama-Amori, amaPherizi, amaKhanani, amaHithi, amaGirigashi, amaHivi, namaJebusi, ngabanikela esandleni senu.


Bhekani, nginabele njengefa lezizwana zenu, zonke izizwe ezisasele, nazo zonke izizwe engazibhubhisa, kusukela eJordani kuze kufike oLwandle Olukhulu entshonalanga.


UJoshuwa eseShilo wabenzela unkatho phambi kukaSimakade, wababela izwe abakwa-Israyeli kwayilowo nalowo waba nesabelo sakhe.


Ngikunika lonke iKhanani ongumfokazi kulo njengamanje, libe yifa lakho laphakade nelezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wazo.”


Wathatha umkakhe uSarayi, noLothi indodana yomfowabo, nayo yonke impahla ababenayo, nezinceku ababezitholile eHarana, babhekisa amabombo eKhanani. Sebefikile eKhanani,


Ngesikhathi abakwa-Israyeli besahlala eHeshibhoni nasemizaneni yalo, nase-Aroweri nemizana yalo, nakuyo yonke imizi emaqondana ne-Arinoni, iminyaka engama-300, awuyithathanga ngani ngaleso sikhathi, na?


Kwathi ngonyaka wama-480 emveni kokuphuma kwaba-Israyeli eGibhithe, ngonyaka wesine wokubusa kukaSolomoni phezu kwabakwa-Israyeli, ngenyanga kaZivi eyinyanga yesibili, waqala ukwakha indlu kaSimakade.


Ukwenzele unkatho, isandla sakhe sakukala ngentambo, sababela, kwaba yifa labo laphakade, izizukulwane ngezizukulwane ziyohlala kulo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite