Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 13:11 - IsiZulu 2020

11 Isandla seNkosi siphezu kwakho manje. Uzakuba yimpumputhe, ungaliboni ilanga okwesikhashana.” Ngokushesha wehlelwa yinkungu nobumnyama, wahamba efuna ongahle amhole.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Bheka, isandla seNkosi siphezu kwakho manje. Uzakuba yimpumputhe, kube yisikhathi ungaliboni ilanga.” Kwase kumfikela khona lapho ukufiphala nobumnyama, wahamba efuna abazakumhola ngesandla.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Manje bheka, isandla seNkosi siphezu kwakho, uyakuba yimpumputhe, ungaliboni ilanga isikhathi. Kwahle kwehlelwa yinkungu nobumnyama phezu kwakhe; wasezulazula efuna abangamhola ngesandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Manje bheka, isandla seNkosi siphezu kwakho, uyakuba yimpumputhe, ungaliboni ilanga isikhathi. Kwahle kwehlelwa yinkungu nobumnyama phezu kwakhe; wasezulazula efuna abangamhola ngesandla.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 13:11
18 Referans Kwoze  

Isandla sakho sangicindezela kanzima ubusuku nemini, ngaphelelwa ngamandla, kwangathi ngihlaselwe wumoya weshisandlu. Sela


isandla sikaSimakade sizoyishaya ngesifo imfuyo esehlane: amahhashi, izimbongolo, amakameli, izinkomo, izimvu, nezimbuzi.


Kuyinto esabekayo ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.


Bathumela, baqoqela ndawonye wonke amakhosi amaFilisti, bathi: “Wususeni umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ubuyele endaweni yawo, ukuze ungasibulali thina nabantu bakithi,” ngokuba kwaba khona ukwesaba okukhulu emzini wonke, besaba ukufa. Bheka, isandla sikaNkulunkulu sasinzima kakhulu kubo.


Laba bayimithombo eshileyo nenkungu epheshulwa yisiphepho, bagcinelwe isigayegaye sobumnyama.


UJesu wathi: “Mina ngize lapha emhlabeni ukuzokwahlulela ukuba abangaboniyo babone, kuthi nababonayo babe yizimpumputhe.”


Ngihawukeleni, ngihawukeleni, nina bangani bami, ngokuba isandla sikaNkulunkulu singishayile.


Bazalwane, angithandi ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo: yazini ukuthi u-Israyeli usenziwe waba lukhuni okwamanje, kuze kupheleliswe isibalo sabezizwe.


U-Ananiya wahamba, wangena endlini, wabeka izandla phezu kukaSawula, wathi: “Sawula, mzalwane, iNkosi uJesu ebonakale kuwe endleleni obuza ngayo, ingithumile ukuba ubuye ubone, ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.”


Ngokuba uSimakade uthululele kini umoya wobuthongo obunzulu, uvale amehlo abaphrofethi bakini, wemboza amakhanda ezangoma zakini.


Ngokuba imicibisholo ingigwaze yagxila; isandla sakho singicindezele kanzima.


Inkosi yase-Aramu yayisalokhu ilwa no-Israyeli; yelulekana nezinceku zayo, yathi: “Ngizakukanisa ndaweni thizeni.”


Kwathi ukuba bawuthuthele khona, isandla sikaSimakade saba phezu kwalowo muzi, kwaba khona ukudideka okukhulu, wabulala abantu bomuzi, abancane nabadala bamilwa ngamathumba.


Abesilisa abasha nabadala ababengaphandle kwendlu kaLothi bashaywa ngobumpumputhe, bawufuna umnyango baze badikibala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite