Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 13:1 - IsiZulu 2020

1 Kwakukhona ebandleni lase-Antiyokhiya abaphrofethi nabafundi: uBharnabha, uSimeyoni okuthiwa uNigeri, uLukhiyu waseKhurene, uManayeni umnawabo kaHerode, umThethrarkhi noSawula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwakukhona e-Antiyokiya ebandleni lakhona abaprofethi nabafundisi: oBarnaba, noSimeyoni othiwa uNigeri, noLukiyu waseKhurene, noManayeni owayondliwe kanye noHerode umtetrarki,* noSawulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Kwakukhona e-Antiyokiya ebandleni abaprofethi nabafundisi; njengoBarnaba, noSimeyoni othiwa uNigeri, noLukiyu waseKhurene, noManayeni owayondliwe kanye noHerode umtetrarki, noSawulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwakukhona e-Antiyokiya ebandleni abaprofethi nabafundisi; njengoBarnaba, noSimeyoni othiwa uNigeri, noLukiyu waseKhurene, noManayeni owayondliwe kanye noHerode umtetrarki, noSawulu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 13:1
34 Referans Kwoze  

Kwathi uJosefa owaqanjwa ngabaphostoli ngokuthi uBharnabha, okusho ukuthi indodana ekhuthazayo, engumLevi waseKhuphro ngokuzalwa,


Kodwa uPawula noBharnabha bahlala e-Antiyokhiya, befundisa, futhi beshumayela ivangeli leNkosi kanye nabanye abaningi.


Lapho bebona umusa engiwuphiweyo, uJakobe, noKhefase, noJohane: labo ababaziwa ngokuthi bayizinsika, banginika mina noBharnabha isandla sokunene sobudlelwano, ukuba thina sisebenze kwabezizwe, kodwa bona basebenze kwabasokileyo,


Kepha uSawula, okuthiwa nguPawula, egcwele uMoya oNgcwele, wamgqolozela,


NguYena futhi owanika abanye ukuba babe ngabaphostoli, abanye abaphrofethi, abanye abavangeli, abanye abelusi nabafundisi,


UJuda noSila, njengokuba nabo babengabaphrofethi, bakhuthaza abazalwane ngamazwi amaningi abawakhulumayo, babaqinisa.


Kwathi ngonyaka we-15 wokubusa kukaThibheriyu Khesari, uPontiyu Pilatu engumbusi eJudiya, uHerode enguMthethrakhi eGalile, umfowabo uFiliphu enguMthethrakhi e-Ithureya naseThrakhonithi, uLisaniya enguMthethrakhi e-Abhilene,


Bayakhonza bonke abazalwane abangcwele, ikakhulu abendlu kaKhesari.


Nabanye abaJuda bazenzisa njengaye, noBharnabha waze wathatheka ngokuzenzisa kwabo.


Kanti yimi noBharnabha kuphela yini esingenalo ilungelo lokuyeka ukusebenza na?


Uyakhonza kini uThimothewu oyisisebenzi kanye nami, noLukhiyu, uJasoni noSosiphathru, izihlobo zami.


Yena-ke wayenamadodakazi amane, ayizintombi eziphrofethayo.


UPawula esebekile izandla phezu kwabo, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo, base bekhuluma ngezilimi, futhi baphrofetha.


Bonke bakwenza, bakuthumela emalungeni ngesandla sikaBharnabha noSawula.


UBharnabha noSawula babuyela eJerusalema, ngokuba base bekuqedile ukukhonza kwabo, behamba noJohane okuthiwa nguMakhu.


USawula esabhodla umlilo, esongela ukubulala abafundi beNkosi, waya kumphristi omkhulu,


Kuthe amabutho esaphuma lapho, ahlangana nomuntu waseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amphoqa ukuba athwale isiphambano sikaJesu.


Yileyo naleyo ndoda ekhuleka noma ephrofetha yemboze ikhanda layo, ihlazisa ikhanda layo.


Noma ngingaphrofetha, ngiqonde izimfihlakalo zonke, ngibe nokwazi konke, noma nginganokukholwa konke okungagudluza izintaba, kodwa uma ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.


Uthando alusoze lwaphela, nakuba kukhona ukuphrofetha, kodwa kuyakukhawuka. Nakuba kuyizilimi, ziyakunqamuka; nakuba kungulwazi, luyakuphela.


Abaphrofethi, makukhulume ababili noma abathathu, abanye bakuhlole lokho.


Imimoya yabaphrofethi iyabathobela abaphrofethi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite