Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 12:7 - IsiZulu 2020

7 Nakho-ke sekufika ingelosi yeNkosi, kwakhanya bha ejele. Ingelosi yamthinta ohlangothini uPhethro, yamvusa ithi: “Sukuma ngokushesha.” Ayesewa amaketanga ezandleni zakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Bheka, yafika ingelosi yeNkosi, kwakhanya ukukhanya etilongweni, yamshaya uPetru ohlangothini, yamvusa ithi: “Shesha usukume.” Ayesewa amaketanga ezandleni zakhe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Bheka, ingelosi yeNkosi yeza phezu kwakhe, nokukhanya kwakhanya etilongweni, yamshaya uPetru ohlangothini, yamvusa, yathi: “Vuka masinyane. Futhi amaketanga akhe awela ezandleni zakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Bheka, ingelosi yeNkosi yeza phezu kwakhe, nokukhanya kwakhanya etilongweni, yamshaya uPetru ohlangothini, yamvusa, yathi: “Vuka masinyane. Futhi amaketanga akhe awela ezandleni zakhe.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 12:7
37 Referans Kwoze  

Kepha ingelosi yeNkosi yavula iminyango yejele ebusuku; isibakhiphile, yathi:


Ngokuphazima kweso kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwanyakaza nezisekelo zejele; masinyane yonke iminyango yavuleka, namaketango ababeboshwe ngawo, athukululeka.


Obenzela ubulungiswa abacindezelweyo, opha abalambileyo ukudla, uSimakade uyazikhulula iziboshwa.


Wabakhipha ebumnyameni nasethunzini lokufa, wagqabula izibopho zabo.


Ingelosi kaSimakade ikanisa nxazonke kulabo abamesabayo, ibakhulule.


UKhorneliyu wathi: “Kuthe ngikhuleka ngehora lesishiyagalolunye endlini yami, ezinsukwini ezine ezedlule, ngabonasekumi phambi kwami indoda eyayembethe ingubo ekhazimulayo,


ngokuba konke okubonakalayo kungukukhanya. Ngalokho kuthiwa: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKhristu uzakukukhanyisa.”


Lowo uNkulunkulu wamvusa eseyiqede nya iminjunju yokufa, ngokuba kwakungeke kwenzeke ukuba abanjwe ngukufa.


Kwathi besakhungathekile yilokho, babona nanko amadoda amabili emi eduze kwabo, egqoke izingubo ezicwebezelayo.


Ingelosi yeNkosi yabonakala kubo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; bagcwala ukwesaba okukhulu.


Ngiyakubhekana nolaka lukaSimakade, ngokuba ngonile kuye, aze alumele udaba lwami, angenzele ubulungiswa, angikhiphele ekukhanyeni, ngibone ukulunga kwakhe.


UNkulunkulu wami uthumele ingelosi yakhe, yavala imilomo yezingonyama, azingilimazanga, ngokuba kwatholakala ukuthi ngimsulwa phambi kwakhe; naphambi kwakho, nkosi, angikwenzanga okubi.”


Ingelosi kaSimakade yabuya okwesibili, yamthinta, yathi kuye: “Vuka udle, ngokuba indlela yakho inde.”


Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba engamnikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.


Kepha esaqhubeka nohambo lwakhe, esesondela eDamaseku, kwabanika ngokuphazima kweso nxazonke ukukhanya okuvela ezulwini.


Ukukhanya kwakhe kufana nelanga liphuma, imisebe ivela esandleni sakhe, kulapho amandla akhe efihlwe khona.


Bheka, inkazimulo kaSimakade yavela empumalanga, izwi lakhe lezwakala njengokuhaza kwamanzi amaningi, inkazimulo yakhe yawukhanyisa umhlaba.


“Vuka ukhanye, ngokuba ukukhanya kwakho kufikile; nenkazimulo kaSimakade iphumele phezu kwakho.


Impela ngiyinceku yakho Simakade, ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho, uzikhumulile izintambo zami.


Wabeka uhlangothi phansi walala ubuthongo phansi konwele; wezwa ingelosi imthinta, yathi kuye: “Vuka udle.”


Emveni kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu, umhlaba wakhanyiswa yinkazimulo yayo.


Izingelosi zonke aziyibo yini omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakudla ifa lensindiso na?


Kwathi ngosuku uHerode ayehlose ukumkhuphula ngalo amyise kubantu, ngalobo busuku uPhethro walala phakathi kwamabutho amabili, eboshwe ngamaketanga amabili, kukhona nabalindi phambi komnyango ababeqaphe ijele.


Ilanga nenyanga kwama nse endaweni yakho ngokubenyezela kwemicibisholo yakho eshwezayo nangokunyazima komkhonto wakho okhanyayo.


“Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe: “Kulo nyaka niyokudla okuzimileleyo, ngonyaka wesibili nidle okumila kulokho, ngonyaka wesithathu hlwanyelani nivune, nitshale izivini, nidle izithelo zazo.


Wena Simakade uyisibani sami; uSimakade uyabuguqula ubumnyama bami bube ngukukhanya.


UNkulunkulu uhlalisa imihlalaqha ezindlini, akhulule iziboshwa bese zinethezeka, abahlubukayo bodwa abahlala emaqwaqwasini.


Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade, ngemva kokuba uNebuzaradani, induna yabalindi, isimkhululile eRama, ngesikhathi imthatha, wayesaboshwe ngamaketanga phakathi kwabo bonke abathunjwa baseJerusalema nakwaJuda, abathunjelwa eBhabhele.


UNebukhadinezari wakhuluma, wathi: “Makabongwe uNkulunkulu woShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego, othumele ingelosi yakhe, wakhulula izinceku zakhe ebezimethemba, zanikela imizimba yazo ukuba zingakhonzi, zingakhuleki nakoyedwa unkulunkulu, kuphela uNkulunkulu wazo, zalishaya indiva izwi lenkosi.


Kuthe sezihambile izazi; bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho, yathi: “Vuka uthathe umntwana nonina, ubalekele eGibhithe, uhlale khona, ngize ngikutshele, ngokuba uHerode uzakumfuna umntwana ukuze ambulale.”


Ingelosi yathi kuye: “Gqoka, ufake nezicathulo zakho.” Wenza kanjalo; yayisithi kuye: “Yembatha ingubo yakho, ungilandele.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite