Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 10:38 - IsiZulu 2020

38 Lelo lizwi lalithi: uNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamadla, owahamba enza okuhle, ephilisa bonke ababephansi kwamandla kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 lokuthi: UNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza umusa, ephulukisa bonke ababesemandleni kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

38 Ukuthi uNkulunkulu wamgcoba kanjani uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza okuhle, ephulukisa bonke ababecindezelwe nguSathane; ngoba uNkulunkulu wayelaye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

38 Ukuthi uNkulunkulu wamgcoba kanjani uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza okuhle, ephulukisa bonke ababecindezelwe nguSathane; ngoba uNkulunkulu wayelaye.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 10:38
40 Referans Kwoze  

“UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, ukuvula amehlo ezimpumputhe, ukuhlenga abacindezelweyo,


“Madoda akwa-Israyeli, lalelani lawa mazwi: uJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla, ngezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phambi kwenu, njengalokhu nani luqobo nazi,


UMoya kaSimakade uyohlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uSimakade.


Othunywe nguNkulunkulu ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu umuphe ngokupheleleyo uMoya.


Uthandile ukulunga, wazonda ububi; ngakho-ke uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabangani bakho.”


Uthanda ukulunga, uzonde ububi. Yingakho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ekugcobe ngamafutha entokozo ngaphezulu kwabangani bakho.


Lo weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akekho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo, uma uNkulunkulu engenaye.”


Kepha uma Mina ngikhipha amadimoni ngoMoya kaNkulunkulu, kusho ukuthi umbuso kaNkulunkulu usufikile kini.


uMoya oNgcwele wehlela phezu kwakhe, enesimo somzimba wejuba; kwezwakala izwi livela ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”


“Bheka, inceku yami engiyesekayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; ngibekile umoya wami phezu kwakhe, uyakwenzela izizwe ubulungiswa.


UJesu wathi kubo: “Nginikhombisile imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yiwona muphi eningikhandela wona ngamatshe na?”


Isikhathi siyeza, yebo, sesifikile, sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngedwa, nokho angingedwa, ngokuba uBaba unami.


Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngogcotshiweyo kaSimakade, bathi:


Owenza isono, ungokaSathane, ngokuba uSathane wona kwasekuqaleni. INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu, ukuze iyiqede iphele nya imisebenzi kaSathane.


Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu lwakhe kuyo.”


UJesu wahamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa bonke abanezifo ezahlukene, nokugula konke.


Bafundisa kwaJuda bephethe incwadi yomthetho kaSimakade, bajikeleza kuyo yonke imizi yakwaJuda, befundisa abantu.


Zithibeni, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo, sifuna esingamdwengula.


Kuthe iseza, idimoni layiqumba phansi, layihlukumeza kakhulu; uJesu wawukhuza umoya ongcolileyo, umfana waphiliswa, wayesembuyisela kuyise.


Kepha uJesu ekwazi lokho wasuka lapho. Abaningi bamlandela, wabaphilisa bonke.


“Mina ngiyibekile inkosi yami, entabeni yami engcwele iZiyoni.”


Wamangala ngokungakholwa kwabo. Wahamba imizi ngemizana efundisa.


Ngokuba iNdodana yomuntu ayizanga ukuzobhubhisa imiphefumulo yabantu, kodwa ukuzoyisindisa;” base bedlulela komunye wemizana.


Niyalazi izwi elamenyezelwa kulo lonke iJudiya, elaliqale eGalile, emva kombhabhadiso ayewushumayele uJohane.


Ninogcobo oluvela koNgcwele futhi nazi konke.


UJesu wayesesuka-ke, wamlandela, ekanye nabafundi bakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite