Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 1:9 - IsiZulu 2020

9 Kwathi esekushilo lokho, wakhushulwa bebuka, ifu lamsusa emehlweni abo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kwathi eseshilo lokho, wakhushulwa bebuka; ifu lamsusa emehlweni abo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Esetshilo lezizinto, bekhangele wakhutshulwa; ifu lamsusa emehlweni abo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Esetshilo lezizinto, bekhangele wakhutshulwa; ifu lamsusa emehlweni abo.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 1:9
17 Referans Kwoze  

“Ngabona emibonweni ebusuku; bheka, onjengendodana yomuntu wafika namafu ezulu; wafika komdala wezinsuku, wasondezwa phambi kwakhe.


Kwathi lapho iNkosi uJesu isibatshelile konke lokho, yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.


kwaze kwaba wusuku akhushulwa ngalo, emva kokuba esebayalile ngoMoya oNgcwele abaphostoli ayebakhethile.


USimakade wathi kuMose: “Bheka ngizokuza kuwe ngefu elimnyama, ukuze abantu bezwe uma ngikhuluma nawe, nokuba emveni kwalokho bakholwe nguwe kuze kube phakade.” UMose wambikela uSimakade lokho okwakushiwo ngabantu.


Bezwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi kubo: “Yenyukelani lapha.” Base benyukela ezulwini ngefu; izitha zabo zibabuka.


Pho-ke niyakuthini lapho nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yavela khona na?


Khona-ke bayakuyibona iNdodana yomuntu iza ngefu, inamandla nenkazimulo enkulu.


Isiphrofetho ngeGibhithe. Bheka, uSimakade ugibele efini elisheshayo, uyeza eGibhithe; onkulunkulu baseGibhithe bazothuthumela phambi kwakhe, nezinhliziyo zabaseGibhithe ziphele amandla phakathi kwabo.


Wena wenyukele phezulu, wathumba abathunjiweyo, wapha abantu izipho, nakulabo abebehlubukile, ukuze uSimakade uNkulunkulu ahlale khona.


Laba, yilabo abangangcoliswanga ngabesifazane, ngokuba bayizindela. Laba yibo abalandela iWundlu noma kuphi lapho laliya khona. Laba bathengwa ebantwini ukuba babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu,


Bhekani, uyeza ngamafu, onke amehlo ayakumbona, nalabo abamgwazayo; zonke izizwe zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.


USimakade wehla ngefu, wama naye lapho, wamemezela igama likaSimakade.


athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nigqolozele ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini wenyuselwa ezulwini, uyakubuya kanjalo, njengalokhu nimbonile eya ezulwini.”


Lapho-ke, thina esisaphila, sisele, siyakuhlwithwa kanye nabo emafini, sihlangane neNkosi emoyeni. Siyakuhlala nayo njalo iNkosi.


Akuthandabuzwa ukuthi inkulu imfihlakalo yenkolo yethu yokuthi: Owabonakaliswa engumuntu nje, wafakazelwa nguMoya, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, bakholwa nguye emhlabeni, wenyuselwa enkazimulweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite