Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 1:3 - IsiZulu 2020

3 Emva kokuhlupheka kwakhe, wazibonakalisa kubo ephilile ngobufakazi obuningi, eziveza kubo ngalezi zinsuku ezingama-40, ekhuluma nabo ngombuso kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 waziveza kubo ephilile emva kokuhlupheka kwakhe ngobufakazi obuningi, wabonwa yibo izinsuku ezingamashumi amane ekhuluma ngezombuso kaNkulunkulu;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 azibonakalisa kubo ephila emva kokuhlupheka kwakhe ngobufakazi obuningi obungenaphutha, ebonwa yibo izinsuku ezingamashumi amane, ekhuluma izinto eziphathelene nombuso kaNkulunkulu;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 azibonakalisa kubo ephila emva kokuhlupheka kwakhe ngobufakazi obuningi obungenaphutha, ebonwa yibo izinsuku ezingamashumi amane, ekhuluma izinto eziphathelene nombuso kaNkulunkulu;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 1:3
27 Referans Kwoze  

Wabonwa izinsuku eziningi yilabo ayekhuphuke nabo eGalile, waya eJerusalema, asebengofakazi bakhe manje kubantu.


Emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakaJesu besendlini noThomase ekhona, uJesu wangena iminyango ivaliwe, wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kini.”


Lokho okwakukhona kwasekuqaleni, esakuzwa, sakubona ngamehlo ethu, sakubheka, sakuphatha ngezandla zethu, okwezwi lokuphila.


Lokhu kwase kungokwesithathu uJesu ebonakaliswa kubafundi, esevukile kwabafileyo.


Sekwedlule lokho, uJesu wabuye wazibonakalisa kubafundi bakhe ngasolwandle iThibheriya. Wazibonakalisa kanje:


UJesu wahlangana nabo, wathi: “Sanibona.” Basondela babamba izinyawo zakhe, bakhuleka kuye.


eshumayela umbuso kaNkulunkulu, efundisa ngaso sonke isibindi izindaba zeNkosi uJesu uKhristu, ngaphandle kokuphazanyiswa.


sinikhuthaza, sinimisa isibindi, sigcizelela ukuba nihambe ngokufaneleyo phambi kukaNkulunkulu onibizele embusweni nasenkazimulweni yakhe.


owasikhulula emandleni obumnyama, wasingenisa embusweni weNdodana yothando lwakhe;


Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza, kodwa ungukulunga, ukuthula, nokuthokoza kuMoya oNgcwele;


“Ngalokho-ke ngithi kini: niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, uphiwe isizwe esiyakuveza izithelo zawo.


Ngesikhathi ngikhuphukele entabeni ukuyokwemukela izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uSimakade asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngangingadli sinkwa, ngingaphuzi manzi.


Kwathi esezile ukudla izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ekugcineni walamba.


ethi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!


Wavuka, wadla waphuza, wahamba ngamandla alokho kudla izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, waya entabeni kaNkulunkulu, iHorebhe.


“Ngakhothama ngathi mbo phambi kukaSimakade njengakuqala, izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40; ngingadli sinkwa, ngingaphuzi manzi ngenxa yesono senu enanone ngaso, nenza okubi emehlweni kaSimakade, namthukuthelisa.


Kwathi lapho iNkosi uJesu isibatshelile konke lokho, yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.


Kepha kwathi ukuba bakholwe yivangeli elashunyayelwa nguFiliphu ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu uKhristu, babhabhadiswa abesilisa nabesifazane.


Wayesengena esinagogeni, wakhuluma ngesibindi izinyanga ezintathu, ephikisana nabo futhi ebanxenxa ngombuso kaNkulunkulu.


Sebemmisele usuku, baya kuye endlini ngobuningi, wabacacisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebanxenxa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaphrofethi, kusukela ekuseni kwaze kwaba kusihlwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite