Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 8:36 - IsiZulu 2020

36 Kodwa lowo owehluleka ukungifumana, uzigwaza ngowakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 Ongangifumani uyona umphefumulo wakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Kodwa owona kimi ulimaza umphefumulo wakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.

Gade chapit la Kopi




IzAga 8:36
20 Referans Kwoze  

Owenqaba ukuyalwa uzedelela yena, kepha olalela ukusolwa uzuza ulwazi.


Ngakho-ke bazokuvuna lokho abakutshalile, basuthiswe yizithelo zobuqili babo.


Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi yethu!


Ulaka lwenkosi olwesabisayo lunjengokubhonga kwengonyama; oyithukuthelisayo uyakulahlekelwa ngukuphila kwakhe.


Othanda ukuyalwa uthanda ulwazi, kodwa ozonda ukusolwa uyisiwula.


Pho-ke nicabanga ukuthi singakanani isijeziso salowo obukele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?


Lahlani zonke iziphambeko zenu eniphambuke ngazo, nizenzele inhliziyo entsha nomoya omusha; uyakufelani wena ndlu ka-Israyeli na?


Pho thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela insindiso enkulu kangaka na? Lena eyashunyayelwa kuqala ngeNkosi, yaqiniswa kithina yilabo abayizwayo.


UPawula noBharnabha bakhuluma ngesibindi, bathi: “Bekuswelekile ukuba izwi likaNkulunkulu lishunyayelwe kini kuqala, kepha njengalokhu nilinqaba, nizisholo nina ngokwenu ukuthi anifanele ukuphila okuphakade, bhekani-ke, sesiphendukela kwabezizwe.


“Batshele, uthi kubo: ‘Ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, angithokoziswa ngukufa komubi, kodwa ngithokoza uma isoni siphenduka endleleni yaso, siphile. Phendukani, nishiye izindlela zenu ezimbi, nina ndlu yakwa-Israyeli niyakufelani na?’


Ukuthola ingcebo ngolimi lwamanga kuyize elidlula njengomhwamuko nanjengezingibe zokufa.


Uma wona, wenzani kuye na? Uma wenza iziphambeko eziningi kwenzani kuye lokho na?


Ukweduka kwabangenamqondo kuyakubabulala, nokudembesela kweziwula kuyozibhubhisa.


Ukubukeka kobuso babo kufakaza ngabo; izono zabo bazenza obala njengaseSodoma, abazifihli. Maye kubo! Ngokuba bazilethela ububi phezu kwabo.


Uyakufelani wena nabantu bakho ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, njengalokho uSimakade akukhulumile maqondana nesizwe esingayukuyikhonza inkosi yaseBhabhele na?


Kepha uPawula wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ungazilimazi, ngokuba sikhona sonke.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite