Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 8:15 - IsiZulu 2020

15 Amakhosi abusa ngami, nababusi bashaya imithetho elungile ngami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Amakhosi abusa ngami, nababusi bamisa ukulunga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngami amakhosi abusa, nezikhulu zinquma ubulungisa.

Gade chapit la Kopi




IzAga 8:15
27 Referans Kwoze  

Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso. Ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu. Lawa akhona amiswe nguNkulunkulu.


uyaguqula izikhathi nezinkathi; uyasusa amakhosi, abeke amakhosi; unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha, nokwazi kwabaqonda ukwazi;


UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla wonke ezulwini nasemhlabeni.


Engutsheni yakhe nasethangeni lakhe kulotshwe igama elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI.


uyakuxoshwa kubantu, uhlale nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.”


Ngase ngibona izulu livulekile: nanto ihhashi elimhlophe nogibele kulo, obizwa ngokuthi ngoThembekileyo noQinisileyo, uyahlulela, futhi ulwa ngokulunga.


sokuthi uyakuxoshwa kubantu, uhlale nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, umanziswe ngamazolo ezulu, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.


“ ‘Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi ngiyakuhlumisela uDavide iHlumela Lokulunga; liyakwenza ubulungiswa nokulunga emhlabeni.


Ngizobabuyisela abehluleli bakho njengakuqala, nabeluleki bakho njengasekuqaleni. Emveni kwalokho uyobizwa ngomuzi wobuqotho, umuzi othembekileyo.


Nkosi enamandla, mthandi wokulungileyo, uqinise ubuqotho, waphakamisa ubulungiswa nokulunga kwaJakobe.


Emadodaneni ami wonke, ngokuba uSimakade ungiphile amadodana amaningi, ukhethe uSolomoni, indodana yami, ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sombuso kaSimakade kwa-Israyeli.


Makabongwe uSimakade uNkulunkulu wakho okwenamele wakubeka esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade wamthanda u-Israyeli kuze kube phakade, ngalokho wakubeka ukuba ube yinkosi ukuze wenze ukwehlulela nokulunga.”


Kwathi uHiramu esewezwile amazwi kaSolomoni, wathokoza kakhulu, wathi: “Makadunyiswe uSimakade namuhla, ophe uDavide indodana ehlakaniphileyo ukubusa phezu kwalaba bantu abakhulu.”


U-Israyeli wonke wezwa ngaleso sehlulelo esasenziwe yinkosi, wayesaba inkosi ngokuba wabona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwakunayo ekwehluleleni kwayo.


Ngakho-ke yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukuze ikwazi ukubusa abantu bakho, ikwazi ukwehlukanisa phakathi kokuhle nokubi, ngokuba ngubani ongabusa lesi sizwe sakho esikhulu kangaka na?”


USimakade wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nina uSawule na? Ngimlahlile, ngeke esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngikuthuma kuJese waseBhethlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”


USamuweli esembonile uSawule, uSimakade wathi kuye: “Nangu-ke umuntu engikhulume ngaye kuwe, ngathi: ‘Lo uyakubusa abantu bami.’ ”


Manje ngiphe ukuhlakanipha nokwazi ukuze ngihole laba bantu, ngokuba ngubani ongehlulela laba bantu bakho abaningi kangaka na?”


Ngakho-ke hlakaniphani nina makhosi; niyaleke nina babusi bomhlaba.


Izikhulu zibusa ngami, namakhosana, nabo bonke abehluleli bomhlaba.


Inkosi iyalimisa izwe layo ngobulungiswa; umuntu olithelisayo ulicekela phansi.


UNkulunkulu wayesethi kuSolomoni: “Ngenxa yokuthi lokhu kuvela enhliziyweni yakho ukuba ungaceli ingcebo, imfuyo, nodumo, nokuba abakuzondayo bafe, futhi ungacelanga ukuphila isikhathi eside, kodwa ucele ukuhlakanipha nokwazi ukuze wehlulele abantu bami engikubeke ukuba ube yinkosi yabo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite