Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 8:14 - IsiZulu 2020

14 Kimina kuneseluleko nokuhlakanipha, ngingukuqonda, namandla angawami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kimina kukhona ukululeka nempumelelo; ngingukuqonda, nginamandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Iseluleko singesami nokuhlakanipha okuphelele; Nginengqondo; Nginamandla.

Gade chapit la Kopi




IzAga 8:14
19 Referans Kwoze  

Ukuhlakanipha kuletha amandla kumuntu ohlakaniphile, edlule ababusi abalishumi abasemzini.


Welulekana nobani waze wamnika ukuqonda, wamfundisa indlela yobulungiswa, wamnika indlela yokwazi, wamazisa indlela yokuqonda na?


Ngokuba sizalelwe uMntwana, siphiwe iNdodana; umbuso uyokuba semahlombe akhe. IGama lakhe kuyothiwa nguMeluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, uMbusi wokuthula.


okufihlwe kuye wonke amagugu okuhlakanipha nawokwazi.


Bezitshela ukuthi bahlakaniphile, baba yiziwula,


Umuntu ohlakaniphileyo wedlula onamandla, nonolwazi wedlula onezikhwepha.


Kepha ngoNkulunkulu, nikuJesu Khristu owenzelwe thina, waba ngukuhlakanipha kwethu okuvela kuNkulunkulu nokulunga, nokungcweliswa kanye nokuhlengwa,


Kepha kulabo ababiziweyo, abaJuda namaGriki sishumayela uKhristu, ongamandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu.


Kwakungukukhanya kweqiniso, okukhanyisa bonke abantu, okwase kuza ezweni.


Anizinakanga zonke izeluleko zami, anikwemukelanga ukusola kwami.


Ndodana yami, makungasuki emehlweni akho, gcina ukuhlakanipha namasu,


Lowo ozazi yena ofuna intando yakhe; umelana nakho konke ukuhlakanipha okungqokolo.


Yizwa iseluleko, wemukele ukuqondiswa, ukuze ekugcineni uhlakaniphe.


Nalokho kuvela kuSimakade Wamabandla omangalisayo ekwalulekeni, nohlakaniphe ngokwedlulele.


Umkhulu ngamasu, izenzo zakho zinkulu, amehlo akho ayazibona zonke izindlela zabantu, ukuze ubanike yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe nanjengokwezithelo zemisebenzi yakhe.


“Ukuhlakanipha namandla kukuye, amasu nokuqonda kungokwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite