Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 7:7 - IsiZulu 2020

7 ngabona phakathi kwabangenalwazi, ngabona phakathi kwabasha insizwa engenakuqonda,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 ngabheka phakathi kwabangenalwazi, ngabona phakathi kwabasha insizwa engenakuqonda,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Bheka, phakathi kwabangenalwazi ngabona phakathi kwabasha insizwa engenangqondo.

Gade chapit la Kopi




IzAga 7:7
24 Referans Kwoze  

Ophinga nowesifazane akanakho ukuqonda; owenza lokho ubhubhisa impilo yakhe.


“Kuyoze kube nini ziwula ndini nithanda ubuwula, nani zedeleli, nithokoziswa ngukweyisa, nani ziwula nizonda ulwazi na?


Wayesethi: “Kanti nani anikabi nakuqonda na?


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bayizingcweti ekwenzeni okubi, abakwazi ukwenza okuhle.”


Ezindebeni zalowo ocubungulayo kufunyanwa ukuhlakanipha, kepha uswazi lungolomhlane walowo ongenangqondo.


“Ongenalwazi makaphambukele ngapha;” kulowo ongenangqondo, uthi kuye:


“Ongenalwazi makaphambukele lapha;” nakulowo ongenangqondo, kuthi kuye:


Nina eningenalwazi qondani ukuhlakanipha; nani ziwula, yibani nenhliziyo eqondayo.


Ukweduka kwabangenamqondo kuyakubabulala, nokudembesela kweziwula kuyozibhubhisa.


Zibanika ubuhlakani abangenakuqonda, ulwazi nokuqaphela kwabasha,


Ukwambulwa kwamazwi akho kunika ukukhanya, kuyabaqondisa abangenalwazi.


Ohlakaniphile uyabubona ububi, acashe, kodwa abangenalwazi bayaqhubeka, bese beyajeziswa.


Ngedlula ngasensimini yomuntu oyivila, nasesivinini somuntu ongenangqondo;


Ohlakaniphileyo uyayibona ingozi, acashe, kodwa abangenalwazi bayaphikelela, bajeziswe.


Sishaye isedeleli ukuze ongenalwazi abe nokuqonda; msole ohlakaniphileyo, uyakuzuza ulwazi.


Futhi akukuhle ukuba umuntu angabi nalwazi; oshesha ngezinyawo uyaduka.


Abangenalwazi badla ifa lobuwula, kepha abanokuqonda baqheliswa ngolwazi.


Ongenalwazi ukholwa yikho konke, kodwa ohlakaniphileyo uyaziqaphela izinyathelo zakhe.


Olima insimu yakhe uyodla asuthe, kodwa olandela amayiyane akanangqondo.


Umthetho kaSimakade uphelele, uvuselela umphefumulo. Ubufakazi bukaSimakade buthembekile, nongebani bumnika ukuhlakanipha.


Iso lesiphingi lilindela ukuhlwa, lithi: ‘Akukho liso elisazakungibona,’ bese sizemboza ubuso.


Ndodana yami, lalela ukuhlakanipha kwami, ubeke indlebe yakho ekuqondeni kwami.


Ndodana yami, gcina umyalo kayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite