Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 7:13 - IsiZulu 2020

13 Uyayibamba, uyayiqabula, engenamahloni, uthi kuyo:

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Useyayibamba, uyayanga; uthwala amehlo, uthi kuyo:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngakho wambamba, wamanga, wathi kuye ngobuso obunamahloni:

Gade chapit la Kopi




IzAga 7:13
14 Referans Kwoze  

umkaPotifari wamdumela, wabamba ingubo yakhe, wathi: “Lala nami,” kodwa uJosefa waphulukundlela, washiya isembatho sakhe ezandleni zakhe, wabaleka, waphumela phandle.


“ ‘Kepha enginakho okungihluphayo ngawe, ukuthi uvumela owesifazane uJezebheli, lo ozibiza ngomphrofethikazi, ukuba afundise, adukise izinceku zami ukuze zifebe, futhi zidle okuhlatshelwe izithombe.


Zonke izifebe ziyakhokhelwa, kodwa wena nguwe okhokhela zonke izithandwa zakho, uzifumbathisile ukuba zize kuwe, zivela ezindaweni zonke, ngobufebe bakho.


Wena, ndodana yomuntu, ungabesabi, ungawesabi namazwi abo, noma ngabe afana namakhakhasi nameva kuwe, uhleli nofezela, ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngenxa yobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.


Bangabantu abanenkani nenhliziyo elukhuni, ngiyakuthuma kubo, uyakuthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi ...’


Ngokuba iNkosi uSimakade iyangisiza; ngakho-ke angizange ngithunazwe, ngalokho ubuso bami ngibumisile njengensengetsha, ngiyazi ukuthi angiyukujabha.


Umuntu okhohlakele uqinisa ubuso, kepha oqotho uyayinaka indlela yakhe.


Bhekani, yibo ababeyenga abantu bakwa-Israyeli belulekwe nguBhileyamu, benza abakwa-Israyeli ukuba bangathembeki kuSimakade ngalokho abakwenza ePheyori, kwase kuhlasela ubhubhane phakathi kwenhlangano kaSimakade.


U-Israyeli wahlala eShithimi; abantu base beqala ukuphinga namadodakazi akwaMowabi.


Emveni kwesikhathi umkaPotifari wamkhanuka, wathi kuye: “Lala nami.”


Ngokuba, bheka, baqamekela impilo yami, iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko nasono kimi, Simakade.


ukuze ameme abedlula ngendlela, abaqondile emikhondweni yabo, athi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite