Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 7:10 - IsiZulu 2020

10 Bheka, owesifazane wamhlangabeza egqokise okwesifebe, ezembozile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Bheka, isihlangabezwa ngowesifazane; izingubo zakhe zingezesifebe, enobuqili enhliziyweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Bheka, kwamhlangabeza owesifazane, embethe isifebe, enobuqili enhliziyweni;

Gade chapit la Kopi




IzAga 7:10
11 Referans Kwoze  

Kanjalo-ke nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bahlobe ngokuhlakanipha nokuqonda, kungabi ngezinwele ezelukiweyo, ngegolide, ngamapharele noma ngezembatho ezibizayo.


Wena ochithiweyo, wenzani ngokuvunula ngokubomvu nangemvunulo yegolide, nokugqaba amashiya akho ngomuthi, uzenza muhle ngeze na? Izithandwa zakho ziyakwedelela, zifuna ukukubulala.


UJehu waya eJizreyeli, uJezebheli wezwa ngalokho, wayesegqaba amehlo akhe, wazihlobisa ikhanda, walunguza ngefasitela.


“Thatha ihabhu, uhambahambe emzini, wena sifebe esikhohlakeleyo, ubethe kamnandi, uhlabelele izihlabelelo eziningi, ukuze ukhunjulwe.”


Kwathi ukuba uJoramu ambone uJehu, wayesethi: “Uze ngokuthula yini, Jehu na?” Wathi: “Ukuthula kwani, kusekuningi kangaka ukufeba nokulumba kukanyoko uJezebheli?”


Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle ayezenzile uSimakade uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ushilo yini uNkulunkulu ukuthi: ‘Ningalokothi nidle nakowodwa umuthi osensimini na?’ ”


Ucutha njengomphangi, andise inani labantu abambuluzayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite