Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 6:6 - IsiZulu 2020

6 Yana entuthwaneni, vilandini, ubone izindlela zayo, uhlakaniphe;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Yana entuthwaneni, vilandini, ubone izindlela zayo, uhlakaniphe,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Yana entuthwaneni, vila; bheka izindlela zayo, uhlakaniphe.

Gade chapit la Kopi




IzAga 6:6
24 Referans Kwoze  

Ivila alilimi ngesikhathi sokulima; lihamba lethekela ngesikhathi sokuvuna, ngoba lingenalutho.


Umuntu ovilapha ukusebenza, ungumfowabo wenkosi yokubhubhisa.


Uyakulala kuze kube nini, vilandini? Uyakuvuka nini ebuthongweni bakho na?


ukuze ningabi ngamavila, kodwa nilingise labo okuthe ngokukholwa nangokubekezela badla ifa lezithembiso.


Umphefumulo wevila uyafisa ungatholi lutho, kepha imiphefumulo yabakhutheleyo iyakuneliswa.


“Kepha inkosi yayo yaphendula, yathi kuyo: ‘Nceku embi nevilaphayo, kanti bewazi ukuthi ngivuna lapho ngingahlwanyelanga khona, ngiqoqe lapho ngingafazanga khona na?


izintuthwane ziyisizwe esingenamandla, kanti ziyalungisa ukudla kwazo ehlobo;


ekukhuthaleni, ningabi ngamavila; nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi;


Isifiso sevila siyalibulala, ngokuba izandla zalo ziyenqaba ukusebenza.


Ubuvila buletha ubuthongo obunzima; oyivila uyobulawa yindlala.


Ivila, lithi: “Kunebhubesi ngaphandle; ngaphuma nje ngizobulawa emgwaqweni.”


Njengoviniga emazinyweni, nentuthu emehlweni, linjalo ivila kwabalithumileyo.


Ivila liyasifihla isandla salo esitsheni; alisibuyiseli nasemlonyeni walo.


Bhekani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni, nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Nina anizidluli yini kakhulu na?


Indlela yevila injengothango lwameva, kodwa umkhondo wabakhutheleyo unjengomgwaqo ohlelembelekile.


Ngokuba balendlalele ize inetha labo, ukucupha ugibe izinyoni zonke zibuka.


Inkabi iyamazi umniniyo, nembongolo umkhombe lapho umniniyo eyiphakela khona, kodwa u-Israyeli akazi, abantu bami kabaqondi.”


Ndodana yami, lalela uhlakaniphe, inhliziyo yakho uyihole ngendlela enhle.


“Kukhona izinto ezine ezincane emhlabeni, kodwa zihlakaniphe kakhulu:


Unogolantethe emkhathini uyazazi izikhathi zakhe ezimisiweyo; ihobhe, ihhashi, inkonjane, nonohhemu, kuyazigcina izikhathi zokufika kwakho; kodwa abantu bami kabazazi izimiso zikaSimakade.


Isandla esidembeselayo siletha ubuphofu, kodwa esikhutheleyo siyacebisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite