Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 6:23 - IsiZulu 2020

23 Ngokuba imiyalo iyisibani, nomthetho ungukukhanya, nokusola ngokuyala kuyindlela yokuphila,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Ngokuba imiyalo iyisibani, nomthetho ungukukhanya, nokusola ngokulaya kuyindlela yokuphila,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngokuba umyalo uyisibani; futhi umthetho ungukukhanya; nokusola kokufundisa kuyindlela yokuphila;

Gade chapit la Kopi




IzAga 6:23
22 Referans Kwoze  

Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.


Ngakho-ke sinalo izwi lesiphrofetho eliqiniswe kakhulu, eniyokwenza kahle ukuba niliqaphelisise, njengesibani esikhanya ebumnyameni kuze kuntwele ezansi, bese ikhwezi lokusa likhanyisa ezinhliyweni zenu.


Imiyalo kaSimakade ilungile, ingumthombo wokwethaba kwenhliziyo; umyalo kaSimakade uhlanzekile, ukhanyisa amehlo.


Indlebe elalela ukusolwa okuphilisayo iyakuhlala nabahlakaniphileyo.


Bambelela ekuyalweni, ungakuyeki; kulonde, ngokuba kungukuphila kwakho.


wangifundisa, wathi, kimi: “Inhliziyo yakho mayibambelele emazwini ami, ugcine imiyalelo yami, uphile.


“Uyakuthi kulaba bantu: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: Ngibeka phambi kwakho indlela yokuphila nendlela yokufa.


Uswazi nokusola kunika ukuhlakanipha, kepha umntwana oyekwayo uyakuhlaza unina.


Indlela yokuphila imholela kweliphezulu ohlakaniphileyo, ukuba angayi endaweni yabafileyo.


Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi, ngokuba umkhuleko wami umelane nobubi babo.


Ngakho-ke khumbula lapho uwe khona, uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala, kodwa uma kungenjalo, ngiyeza kuwe, ngizakulususa uthi lwesibani sakho endaweni yalo, uma nje ungaphenduki.


isifundiso nobufakazi kwabafileyo na? Impela abakhuluma ngalolu hlobo, kabasoze baba nakukhanya.


Kungumuthi wokuphila kulabo abakubambayo, babusisiwe labo ababambelela baqine kukho.


uthi: “Yeka ukuzonda kwami ukuyalwa, nokwedelela kwenhliziyo yami ukusolwa!


“ ‘Awuyukumzonda umfowenu enhliziyweni yakho. Uyomkhuza nokumkhuza umakhelwane wakho, kodwa ungabi nasono ngaye.


Kepha uJosefa wenqaba, wathi enkosikazini yomphathi wakhe: “Umphathi wami akakhathazeke ngalutho endlini yakhe, futhi ukunikele konke ezandleni zami.


Ukwambulwa kwamazwi akho kunika ukukhanya, kuyabaqondisa abangenalwazi.


Oqaphela ukuyalwa usendleleni eya ekuphileni, kepha owenqaba ukusolwa uyaduka.


Kungcono ukulalela ukusola kohlakaniphileyo, kunokulalela iculo leziwula.


Ngathola okumuncu okwedlula ukufa: owesifazane onenhliziyo ewugibe nenethi, ozandla zakhe ziyizibopho; othokozisa uNkulunkulu uyasinda kuye, kodwa isoni uyasibamba.


Ngabanika izimiso zami, ngabazisa izehlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite