Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 6:15 - IsiZulu 2020

15 Ngakho-ke uyokwehlelwa yinhlekelele engazelele; ngokuphazima kweso, uyobhubha angasindi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngalokho ingozi yakhe iyakufika ngokuzumayo; ngokuphazima kweso uyakwaphulwa, kungabikho ukuphiliswa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngakho-ke inhlekelele yakhe iyakufika ngokuzumayo; ngokuzumayo uyakwaphulwa angaphuluki.

Gade chapit la Kopi




IzAga 6:15
15 Referans Kwoze  

uthi kuwo: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: Ngiyakubaphihliza kanjalo laba bantu nalo muzi, njengokuphihlizwa kwesitsha sombumbi esingayukubuye sihlanganiseke; bayakumbelwa eThofethi, ngokuba akuyukuba bikho ndawo yokungcwaba.


Kepha bazidelela izithunywa zikaNkulunkulu ngokuwabukela phansi amazwi akhe, nangokubhuqa abaphrofethi bakhe, yaze yaba nkulu intukuthelo kaSimakade ngabantu bakhe, kwesweleka ikhambi lokuyelapha.


Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.


Lapho kufika isiphepho esibhubhisayo, nokwesaba kwenu sekufana nembubhiso, nenhlekelelo yenu ifika njengesivunguvungu, nalapho inhlupheko nosizi kunehlela,


Umuntu othi esolwa abe nenkani, uyochotshozwa ngokuphazima kweso, akayukuhlengwa muntu.


“Nina enikhohlwa nguNkulunkulu, kuqapheleni lokho, funa nginidwengudwengule, kungabi bikho onisindisayo.


Ukufa makubazume, behlele endaweni yabafileyo besaphila, ngokuba ububi busezindlini zabo, phakathi kwabo.


Ngakho-ke nami ngiyonihleka usulu ngesikhathi nehlelwa yinhlekelele, nginiklolodele lapho senigcwele uvalo.


Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uSimakade, yebo, eziyisikhombisa eziyisinengiso esikhulu emphefumulweni wakhe:


Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.


ngokuba noma olungileyo angawa kasikhombisa, uyobuye avuke, kepha izikhohlakali ziyowiswa ngokubi.


ngokuba inhlekelele izobehlela ngokuzuma. Ngubani owazi ukubhujiswa okungalethwa yibo bobabili na?


Kwathi ngisaphrofetha, kwafa uPhelathiya, indodana kaBhenaya. Ngakhothama ngathi mbo ngobuso, ngakhala ngezwi elikhulu, ngathi: “Maye, Nkosi Simakade! Uzakuyiqeda nya yini insali yakwa-Israyeli na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite