Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 6:12 - IsiZulu 2020

12 Umuntu ongenamsebenzi walutho, umuntu wokona, uhamba ephafuza inkohliso;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Umuntu omubi, umuntu wokona, nguye ohamba nomlomo ophambeneyo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Umuntu omubi, umuntu omubi, uhamba nomlomo omubi.

Gade chapit la Kopi




IzAga 6:12
26 Referans Kwoze  

Nzalo yezinyoka, ningakukhuluma kanjani okuhle nibe nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma okuchichima enhliziyweni.


Isidwanyampuphu siphanda okubi, nokuphuma ezindebeni zaso kunjengomlilo weshisandlu.


Qhela ekukhulumeni okugwegwile, dedisela kude nawe izindebe ezonakele.


Phezu kwalokho, bafunda ukuvilapha, baphuma bengena izindlu ngezindlu; abagcini nje ngokuvilapha, kodwa bayahleba, bazigaxe kokungesikho okwabo, bakhulume okungafanele.


naphakathi kwenu kuzakuvela amadoda akhuluma okudukisayo, ayenge abafundi ukuba bawalandele.


Owenza okubi uqaphela izindebe zenkohlakalo, nomqambimanga ubeka indlebe olimini olubi.


Ukwesaba uSimakade kungukuzonda okubi. Ukuzikhukhumeza, ukuzidla, indlela embi, nomlomo ophoxayo, ngiyakuzonda.


Bheka, bayakhafula ngemilomo yabo, amazwi abo ayizinkemba ezindebeni zabo, ngokuba bathi: “Ngubani ozwayo na?”


Kanjalo-ke nolimi lungumlilo, phakathi kwezitho zomzimba, ulimi lugcwele ukonakala, luyawungcolisa wonke umzimba, luthungele konke ukuphila, bese lona lubabelwa yisihogo.


Ukulunga kuyabasindisa abaqotho, kodwa abanobuqili bayobhajwa ezinkanukweni zabo.


njalo uceba okubi nenkohliso enhliziyweni yakhe, futhi uphehla udweshu.


Ukuhlakanipha kuyokophula endleleni yokubi, nakulabo abakhuluma okuphambene,


Akusho ngomlomo wakhe wukona nenkohliso, ukuyekile ukwenza ukuhlakanipha nokwenza okuhle.


Umlomo waso ugcwele iziqalekiso, inkohliso nencindezelo; phansi kolimi lwaso kukhona ukuganga nobubi.


Isikhohlakali siyazigabisa ngokufiswa yinhliziyo yaso. Abanomhobholo bayaqanganisa, bedelela uSimakade.


Ngakho-ke lahlani konke ukungcola nobubi okukini, namukele ngobumnene izwi elitshalwe kini, elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.


Elinye iqoma lalinamakhiwane amahle kakhulu, kungathi ayizithelo zokuqala. Elinye iqoma linamakhiwane amabi kakhulu, ayengenakudliwa ngenxa yobubi bawo.


U-Eliyabe, umfowabo omdala, wezwa lapho ekhuluma kubantu; intukuthelo ka-Eliyabe yamvuthela uDavide, wathi: “Wehleleni na? Uzishiye nobani leziya zimvu ezingengakanani ehlane? Ngiyakwazi ukuziphakamisa kwakho nobubi benhliziyo yakho, wehlile ukuba uzobona impi.”


Izindebe zolungileyo ziyakwazi okwamukelekileyo, kepha umlomo wezikhohlakali ukhuluma okuphambeneyo.


Angizukuyibeka phambi kwamehlo ami into embi; ngiyakuzonda okwenziwa ngabahlubukayo, akuyukunamathela kimi.


ngokuba oyisigwegwe uyisinengiso kuSimakade, kepha abaqotho bayisifuba sakhe.


Ovala amehlo uhlela okuphambeneyo, noququda imihlathi ufeza okubi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite