Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 5:22 - IsiZulu 2020

22 Isikhohlakali siyakubhajwa ekukhohlakaleni kwaso, sibhajwe yizintambo zesono saso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Omubi uyakubanjwa ngububi bakhe, abhajwe ngezintambo zezono zakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Omubi uyakuthatha ububi bakhe, aboshwe ngezintambo zezono zakhe.

Gade chapit la Kopi




IzAga 5:22
30 Referans Kwoze  

Ukulunga komsulwa kuyayiqondisa indlela yakhe, kodwa isikhohlakali siyowiswa yinkohlakalo yaso.


Laba baqamekela elabo igazi, balala unyendle belalela impilo yabo.


Abezizwe baphonseke phansi emgodini abawumbileyo, unyawo lwabo lwabhajwa enethini abangifihlele lona.


Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede mawungangcoliswa, ngokuba uNkulunkulu uyakuzehlulela izifebe nabaphingayo.


Ububi bakho buyakukujezisa, nokuhlubuka kwakho kuyakukusola; yazi-ke, ubone ukuthi ukuhlubuka uSimakade uNkulunkulu wakho kuyinto embi nebaba kanjani; akusekho ukungesaba kuwe,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


Ngathola okumuncu okwedlula ukufa: owesifazane onenhliziyo ewugibe nenethi, ozandla zakhe ziyizibopho; othokozisa uNkulunkulu uyasinda kuye, kodwa isoni uyasibamba.


Ukwethembeka kwabaqotho kuyabahola, kepha ubugwegwe babambuluzayo buyababhubhisa.


“Kepha uma ningeyukwenza kanjalo, niyobe nonile kuSimakade, futhi yazini ukuthi niyoba nesono.


Impi enkulu yakwa-Israyeli yabe isiphenduka ihlasela. AbakwaBhenjamini bashaywa luvalo, ngokuba babona ukuthi inhlekelele isibehlele.


Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile, iziphambeko zami zingificile, angikwazi ukubona, ziningi ukwedlula izinwele ekhanda lami, inhliziyo yami isiphelelwe yithemba.


“Iziphambeko zami ziboshelwe ejokeni ngesandla sakhe, waziphica ndawonye wazibeka entanyeni yami; wanqinda namandla ami. USimakade unginikele ezandleni zalabo engingakwazi ukumelana nabo.


UNkulunkulu wabuye wenza nobubi babantu baseShekhemi ukuba behlele phezu kwabo, baphinde behlelwa nayisiqalekiso uJothamu, indodana kaJerubhali, ayesikhulume kubo.


Kepha wathi: “Mina angimhluphanga u-Israyeli, kodwa nguwe nendlu kayihlo, ngokuba niyilahlile imiyalo kaSimakade, nalandela oBhali.


kodwa u-Esteri eseyitshelile inkosi ngaleyo ndaba, yathi akubhalwe izincwadi zokuguqula lelo lisu elibi likaHamani ayehlose ngalo ukucekela phansi abaJuda, lelo cebo laba yisijeziso esehlela yena namadodana akhe, baphanyekwa ezigxotsheni zokuphanyeka.


Ngokuba izinyawo zaso zibanjwe enethini, sihamba phezu komwowane.


Izikhohlakali ziyakubuyela endaweni yabafileyo, yebo, zonke izizwe ezikhohlwa nguNkulunkulu.


Ukulunga kuyabasindisa abaqotho, kodwa abanobuqili bayobhajwa ezinkanukweni zabo.


Umuntu uyasutha ngokuhle okuyisithelo somlomo wakhe, nemisebenzi yezandla zakhe imlethela inzuzo.


Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.


Umlomo wesiwula ungukubhujiswa kwaso, nezindebe zaso zilugibe lomphefumulo waso.


Uma uthi: “Bheka, besingakwazi lokhu;” akakuqondi yini lowo ohlola izinhliziyo na? Nolonda umphefumulo wakho akakwazi na? Futhi akayukuphindisela yini kumuntu ngokwemisebenzi yakhe na?


Omba umgodi uyakuphonseka kuwo, nogingqa itshe liyakubuya ligaye yena.


Ngokuba usuku lukaSimakade selusondele kuzo zonke izizwe; njengoba wena wenze kanjalo kuyakwenziwa kanjalo nakuwe. Izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite