Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 5:21 - IsiZulu 2020

21 Ngokuba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaSimakade; uyayilinganisa yonke imikhondo yakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ngokuba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaNkulunkulu; uyenza yonke imikhondo yakhe ukuba ilingane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngokuba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaJehova, uyaziqaphela zonke izindlela zakhe.

Gade chapit la Kopi




IzAga 5:21
21 Referans Kwoze  

Akukho lutho futhi oludaliweyo olungabonakali phambi kwakhe, kodwa konke kwambuliwe kwaba sobala emehlweni akhe, yena esiyakuzilanda kuye.


Amehlo kaSimakade asezindaweni zonke, aqapha abahle nababi.


Umkhulu ngamasu, izenzo zakho zinkulu, amehlo akho ayazibona zonke izindlela zabantu, ukuze ubanike yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe nanjengokwezithelo zemisebenzi yakhe.


“Ngokuba amehlo akhe asezindleleni zabo bonke, uzibona zonke izinyathelo zabo.


USimakade usethempelini lakhe elingcwele. Isihlalo sakho Simakade sisezulwini. Amehlo akho ayabona, ukubheka kwakho kuyabahlolisisa abantwana babantu.


Ngabe akaziboni yini izindlela zami, azibale zonke izinyathelo zami na?


Abacabangi emiqondweni yabo ukuthi ngibukhumbula bonke ububi babo. Manje sebehaqwe yizenzo zabo, eziphambi kobuso bami.


“Ukhona yini ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” kusho uSimakade. “Angiligcwalisi yini izulu nomhlaba na?” kusho uSimakade.


Ngokuba amehlo ami ayazibona zonke izindlela zabo; azisithekile ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami.


Ngigcina iziyalezo zakho nemiyalo yakho, ngokuba izindlela zami zonke ziphambi kwakho.


Uyivivinyile inhliziyo yami, wangihambela ebusuku; uyangihlolisisa, kepha awufumani lutho; nginqumile ukuba ngingoni ngomlomo wami.


ngalokhu awuyukuzibala izinyathelo zami, awuyukusinaka isono sami.


Amehlo kaSimakade abona emhlabeni wonke ukuqinisa labo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Wenze ubuwula kule nto, ngokuba kusukela manje sekuzohlala kunokulwa.”


“Mina Simakade ngiyayiphenya inhliziyo, ngihlole nezinso; ukuba nginike yilowo nalowo njengokwezindlela zakhe, nanjengezithelo zezenzo zakhe.”


Ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; onke amabandla ayakukwazi ukuthi nginguye ophenya izingqondo, nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika, yilowo nalowo wenu, ngokwemisebenzi yakhe.


“Kuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba, ukuthi: “ ‘Nakhu okushiwo yiNdodana kaNkulunkulu enamehlo anjengamalangabi omlilo, nezinyawo zayo ezifana nethusi elikhazimulayo, ithi:


Hlelemba indlela yezinyawo zakho ukuze ziphephe zonke izindlela zakho.


Akayiqikeleli indlela yokuphila, funa ukwenza kwakhe kuguquke engazelele.


ngokuba benza ubuwula kwa-Israyeli, baphinga nabafazi bomakhelwane babo, bakhuluma amazwi angamanga egameni lami engingabayalanga ngawo; yimi engikwaziyo lokho, ngingufakazi,” kusho uSimakade.


Umupha ukuvikeleka, ameseke; amehlo akhe asezindleleni zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite