Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 5:12 - IsiZulu 2020

12 uthi: “Yeka ukuzonda kwami ukuyalwa, nokwedelela kwenhliziyo yami ukusolwa!

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 ngokuthi: “Yeka ukuzonda kwami ukulaywa nokudelela kwenhliziyo yami ukusolwa!

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Wathi: “Yeka ukuzonda kwami ukulaywa nokusola inhliziyo yami iyakweyisa;

Gade chapit la Kopi




IzAga 5:12
23 Referans Kwoze  

Othanda ukuyalwa uthanda ulwazi, kodwa ozonda ukusolwa uyisiwula.


Isiwula siyakwedelela ukuyala kukayise, kepha onaka ukusolwa uhlakaniphile.


Anizinakanga zonke izeluleko zami, anikwemukelanga ukusola kwami.


“Kuyoze kube nini ziwula ndini nithanda ubuwula, nani zedeleli, nithokoziswa ngukweyisa, nani ziwula nizonda ulwazi na?


Ukumesaba uSimakade kuyisiqalo sobuhlakani. Iziwula ziyakwedelela ukuhlakanipha nokuyalwa.


Kepha ngathumela kini zonke izinceku zami, abaphrofethi, ngazithumela ngiphindelela, ngithi: ‘Maningakwenzi lokhu okunengekayo engikuzondayo.’


Ubuphofu nehlazo kukulowo owenqaba ukuyalwa, kepha oqaphela ukusolwa uyatuswa.


ingani uyakuzonda ukuyalwa, amazwi ami uwabukela phansi na?


ngaba yisiphukuphuku, angaze ngazi lutho, ngaba yisilwane kuwe.


Kepha bazidelela izithunywa zikaNkulunkulu ngokuwabukela phansi amazwi akhe, nangokubhuqa abaphrofethi bakhe, yaze yaba nkulu intukuthelo kaSimakade ngabantu bakhe, kwesweleka ikhambi lokuyelapha.


Kwathi esakhuluma naye, wathi kuye: “Ngabe sikubeke umeluleki wenkosi na? Yeka, ufunelani ukubulawa na?” Umphrofethi wayeka, wayesethi: “Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqume ukukubhubhisa ngokuba wenze lokho, awusilalelanga iseluleko sami.”


Bathi: “Suka lapha lesi sifiki! Usuzosishayela imithetho! Sesizohlupha wena-ke kakhulu kunawo.” Ayesemdudula uLothi aze acishe awufohloza umnyango.


Ngokuba imiyalo iyisibani, nomthetho ungukukhanya, nokusola ngokuyala kuyindlela yokuphila,


Uyobubula ekugcineni, lapho umzimba wakho nenyama yakho sekuphela,


Kodwa lowo owehluleka ukungifumana, uzigwaza ngowakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.”


Oqaphela ukuyalwa usendleleni eya ekuphileni, kepha owenqaba ukusolwa uyaduka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite