Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 4:26 - IsiZulu 2020

26 Hlelemba indlela yezinyawo zakho ukuze ziphephe zonke izindlela zakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Yenza umkhondo wonyawo lwakho ukuba ulingane, ziqine zonke izindlela zakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Hlela umkhondo wezinyawo zakho, futhi zonke izindlela zakho maziqine.

Gade chapit la Kopi




IzAga 4:26
19 Referans Kwoze  

Nizenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo ukuze okuqhugayo kungaphinyizeki, kunalokho kuphiliswe.


USimakade uyaziqinisa izinyathelo zomuntu lapho eyithanda indlela yakhe.


Sengathi izindlela zami zingagxila ekugcineni izimiso zakho;


Kepha iNkosi ithembekile, iyakuniqinisa, inilondoloze komubi.


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Bekani inhliziyo yenu ezindleleni zenu.


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Bekani inhliziyo yenu ezindleleni zenu.


ukuze izinhliziyo zenu zisimame, zingabi nakusoleka ebungcweleni phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu, ekufikeni kweNkosi yethu uJesu kanye nabo bonke abangcwele bayo.


Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.


Ngokuba ubonile, waphenduka eziphambekweni zakhe zonke azenzileyo, impela uyakuphila akayukufa.


Ngizindla ngezindlela zami; izinyawo zami ngiziqondisa ebufakazini bakho.


Ngokuba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaSimakade; uyayilinganisa yonke imikhondo yakhe.


Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, ningabi njengabangahlakaniphile, kodwa njengabahlakaniphileyo,


Akayiqikeleli indlela yokuphila, funa ukwenza kwakhe kuguquke engazelele.


Wangikhipha emgodini wokubhujiswa, odakeni olubishayo, izinyawo zami wazibeka edwaleni, wavikela izinyathelo zami.


Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKhristu, emva kokuhlupheka isikhashana, Yena luqobo uyakunihlumelela, anisekele, aniqinise, animise nisimeme.


Amehlo akho mawabheke phambili, nezinkophe zakho ziqonde phambi kwakho.


Ubuwula buyintokozo kongenangqondo, kepha umuntu onokuqonda uyakuqondisa ukuhamba kwakhe.


Umuntu okhohlakele uqinisa ubuso, kepha oqotho uyayinaka indlela yakhe.


Ndodana yami, lalela uhlakaniphe, inhliziyo yakho uyihole ngendlela enhle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite