Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 4:23 - IsiZulu 2020

23 Gcina inhliziyo yakho kukho konke okulondayo, ngokuba yona ingumthombo wokuphila.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Phezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Qapha inhliziyo yakho ngakho konke ukukhuthala; ngoba kuyo kuvela imithombo yokuphila.

Gade chapit la Kopi




IzAga 4:23
21 Referans Kwoze  

Umuntu omuhle uveza okuhle engcebweni yenhliziyo enhle, nomubi uveza okubi engcebweni embi, ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.


Oqaphela akushoyo ulonda impilo yakhe; uphoshozwayo uyobhubha.


“Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi ayelapheki; ngubani ongayiqonda na?


Ngokuba enhliziyweni kuvela imidlinzo emibi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, nokuhlambalaza.


Ndodana yami, lalela uhlakaniphe, inhliziyo yakho uyihole ngendlela enhle.


Owethembela enhliziyweni yakhe uyisiwula, kepha ohamba ngokuhlakanipha uyakhululwa.


Lindani, nikhuleke ukuze ningangeni ekulingweni. Umoya uyavuma, kodwa inyama ibuthakathaka.”


“Kepha qikelela, uqaphele kakhulu, funa ukhohlwe yizinto ozibonile ngamehlo akho, funa zisuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana babo nokuthi,


Qaphelisisani ukuba kungabi bikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande yimbe ebabayo, inidunge, abaningi bangcole ngenxa yayo.


Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu: zuza ukuhlakanipha; yebo, ngakho konke okutholileyo, zuza ukuqonda.


Ndodana yami, makungasuki emehlweni akho, gcina ukuhlakanipha namasu,


Ameva nezingibe kusendleleni yabaphambukileyo, kodwa ogcina umphefumulo wakhe uhambela kude nakho.


Owesifazane onomusa uzuza udumo, kodwa izidlova zizuza ingcebo.


Ngibone ububi obudabukisayo phansi komthunzi welanga; ingcebo egcinwe ngumniniyo imlethela usizi.


Kepha okuphuma emlonyeni kuvela enhliziyweni; lokho-ke kuyamngcolisa umuntu.


Kepha uJehu akakuqaphelanga ukuhamba emthethweni kaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngayo yonke inhliziyo yakhe, futhi akayekanga ukwenza izono ezazenziwa nguJerobhowamu onisa ngazo u-Israyeli.


Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini; oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite