Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 4:19 - IsiZulu 2020

19 Indlela yezikhohlakali injengobumnyama; abazi nokuthi bakhutshwa yini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Indlela yababi injengobumnyama; abazi ukuthi bakhubeka ngani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Indlela yababi injengobumnyama; abazi ukuthi bakhubeka ngani.

Gade chapit la Kopi




IzAga 4:19
16 Referans Kwoze  

UJesu wayesethi kubo: “Kuseyisikhashana ukukhanya kukhona phakathi kwenu. Hambani nisenokukhanya, ukuze ningaficwa ngubumnyama. Ohamba ebumnyameni, akazi ukuthi uya kuphi.


“Ngakho-ke indlela yabo iyakuba bushelelezi kubo; bayakududulelwa ebumnyameni, bawe kubo; ngiyobehlisela inhlekelele ngonyaka engiyobajezisa ngawo,” kusho uSimakade.


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kodwa izikhohlakali ziyakubhujiswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakuphumelela ngamandla akhe odwa.


Mnikeni uSimakade uNkulunkulu wenu udumo, engakabulethi ubumnyama, zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwalala, niyokuthi nisabheke ukukhanya akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye sobumnyama.


Kepha uma ehamba ebusuku uyakhubeka, ngokuba kungekho ukukhanya kuye.”


Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe. Kepha uma impumputhe ihola enye impumputhe, zombili ziyakukhalakathela emgodini.”


Khona ngiyakubatshela emehlweni, ngithi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’


abadela izindlela zobuqotho, bahambe ebumnyameni.


Siyakuxoshwa ekukhanyeni, siyiswe ebumnyameni, sixoshwe emhlabeni.


Baphuphutheka ebumnyameni bengenakukhanya, ubabhamazelisile njengezidakwa.”


Bahlangabezana nobumnyama emini kwabha, baphuphutheke emini, kube sengathi kusebusuku.


Kepha ozonda umzalwane wakhe, usebumnyameni, uhamba ebumnyameni, akazi lapho eya khona, ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe.


Kabanakwazi nakuqonda, badukuza ebumnyameni; zonke izisekelo zomhlaba ziyazamazama.


Ameva nezingibe kusendleleni yabaphambukileyo, kodwa ogcina umphefumulo wakhe uhambela kude nakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite