Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 30:5 - IsiZulu 2020

5 “Wonke amazwi kaNkulunkulu ahloliwe; uyisihlangu kwabaphephela kuye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Onke amazwi kaNkulunkulu acwebile; uyisihlangu kwabaphephela kuye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Wonke amazwi kaNkulunkulu ahlanzekile: Uyisihlangu kulabo abathembela kuye.

Gade chapit la Kopi




IzAga 30:5
17 Referans Kwoze  

Indlela yakho, Nkulunkulu, iphelele, izwi likaSimakade lihlanzekile, uyisihlangu sabo bonke abaphephela kuye.


Kepha ukuhlakanipha okuvela phezulu okokuqala nje, kuhlanzekile, bese kuba nokuthula, uzwela, ukulalela, futhi kugcwele ububele nezithelo ezinhle; akunalubandlululo nakuzenzisa.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Amazwi kaSimakade ahlanzekile, anjengesiliva elihlanzwe esithandweni somlilo, lahlanzwa kasikhombisa emhlabathini.


Kepha Wena Simakade uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.


Izwi lakho lihloliwe kakhulu, yingakho inceku yakho ilithanda.


uyothi kuSimakade: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami, unguNkulunkulu wami engethembele kuye.”


Emveni kwalezo zinto izwi likaSimakade lafika ku-Abhrama ngombono, lathi kuye: “Ungesabi Abhrama, ngiyisihlangu sakho, umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


Ngakho-ke umthetho ungcwele, nomyalo ungcwele, ulungile, futhi muhle.


umusa wami nenqaba yami, umbhoshongo wami ophakemeyo nomkhululi wami, isihlangu sami, nengiphephela kuye, nothobisa izizwe phansi kwami.


Imiyalo kaSimakade ilungile, ingumthombo wokwethaba kwenhliziyo; umyalo kaSimakade uhlanzekile, ukhanyisa amehlo.


Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaSimakade lihlanzekile; Yena uyisihlangu sabo bonke abaphephela kuye.


Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami.


Uyabela abaqotho impumelelo, uyisihlangu salabo abahamba ngokwethembeka.


Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaSimakade na? Ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?


Ukwesaba abantu ngukuzibekela ugibe, kepha owethemba uSimakade uyalondeka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite