Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 30:4 - IsiZulu 2020

4 Ngubani owenyukele ezulwini, wabuye wehla na? Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na? Ngubani osonge amanzi ngengubo yakhe na? Ngubani omise yonke imikhawulo yomhlaba na? Ngubani igama lakhe, ngubani igama lendodana yakhe; ukhona yini olaziyo na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngubani owenyukele ezulwini, wabuye wehla na? Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na? Ngubani obophile amanzi engutsheni yakhe na? Ngubani omisile yonke imikhawulo yomhlaba na? Ngubani igama lakhe, ngubani igama lendodana yakhe, uma ulazi, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ubani owenyukela ezulwini noma owehla na? ngubani owabutha umoya ngezandla zakhe na? ngubani owabophela amanzi engutsheni na? ngubani omise imikhawulo yonke yomhlaba? Ngubani igama lakhe, futhi ngubani igama lendodana yakhe, uma ulazi?

Gade chapit la Kopi




IzAga 30:4
31 Referans Kwoze  

Akekho noyedwa owenyukele ezulwini, ngaphandle kwalowo owehla ezulwini, iNdodana yomuntu.


Ubopha amanzi emafini akhe, ifu alidabuki phansi kwawo.


Ngokuba sizalelwe uMntwana, siphiwe iNdodana; umbuso uyokuba semahlombe akhe. IGama lakhe kuyothiwa nguMeluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, uMbusi wokuthula.


Ngakho-ke iNkosi uqobo izokunika isibonakaliso: intombi izakukhulelwa, izale indodana, iyiqambe ngokuthi ngu-Imanuweli.


Awukho ezulwini ukuba ungathi: ‘Ngubani oyakukhuphuka ngenxa yethu aye ezulwini, asilandele wona, ukuze siwuzwe, siwenze, na?’


Amehlo akhe anjengamalangabi omlilo, ekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi, enegama elilotshiwe elingaziwa muntu, ngaphandle kwakhe uqobo.


Kepha ukulunga okuvela ngokukholwa kuthi: “Ungasho enhliziyweni yakho uthi: ‘Ngubani ozakwenyukela ezulwini na?’ okungukuthi ukwehlisa uKhristu,


“Uma ungaqapheli ukuwenza wonke amazwi alo mthetho alotshwe kule ncwadi ukuba ulesabe igama lakhe elidumisekayo nelesabekayo elithi USIMAKADE UNKULUNKULU WAKHO,


Yasuswa ekucindezelweni nasekwehlulelweni. Ngubani esizukulwaneni sayo owacabanga ukuthi yanqunywa ezweni labaphilayo, ishayiwe ngesiphambeko sabantu bami na?


Wena wenyukele phezulu, wathumba abathunjiweyo, wapha abantu izipho, nakulabo abebehlubukile, ukuze uSimakade uNkulunkulu ahlale khona.


Ngizakulanda ngesinqumo sikaSimakade, owathi kimi: “Wena uyindodana yami; namuhla ngikuzele.


Ngabonakala ku-Abhrahama, ku-Isaka, nakuJakobe njengoNkulunkulu uSomandla, kodwa igama lami, ‘uSimakade’ angibazisanga lona.


Kepha ingelosi kaSimakade yathi kuye: “Ulibuzelani igama lami, na? Liyisimangaliso!”


Konke kunikelwe kimi nguBaba; akekho owaziyo ukuthi iNdodana ingubani, kuphela uYise, nokuthi uYise ungubani, kuphela iNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumembulela yena.”


“Konke ngikunikwe nguBaba. Akekho owazi iNdodana, kuphela uYise, futhi akekho owazi uYise, kuphela iNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumambulela.


Ezinsukwini zalo, uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo, lokuthi: USIMAKADE UNGUKULUNGA KWETHU.


ngokuba nguye owawumisa phezu kwezilwandle, wawusekela phezu kwemifula.


Yonke imikhawulo yomhlaba iyokhumbula, bese iphendukela kuSimakade, nayo yonke imindeni yezizwe iyokhothama phambi kwakho;


UJakobe wayesethi kuyo: “Ngicela ungitshele igama lakho.” Yamphendula wathi: “Ungibuzelani igama lami na?” Yayisimbusisa khona lapho.


Uphephethe ngomoya wakho, ulwandle lwabemboza, bacwila njengomthofu emanzini anamandla.


Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, enze imibani ibe yimvula, akhiphe umoya ezinqabeni zakhe.


Ngokuba usho kanje uSimakade, owadala izulu, uNkulunkulu, owabumba umhlaba; wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize; wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: “NginguSimakade, akekho omunye.


“Ungayithola yini imfihlakalo kaNkulunkulu na? Ungawuthola yini umkhawulo kaSomandla na?


Kuphakeme kunezulu, ungenzani na? Kujulile kunendawo yabafileyo, ungazini ngakho na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite