Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 3:9 - IsiZulu 2020

9 Mhloniphe uSimakade ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Dumisa uJehova ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Dumisa uJehova ngempahla yakho nangolibo lwazo zonke izithelo zakho.

Gade chapit la Kopi




IzAga 3:9
30 Referans Kwoze  

Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekele, aqongelele azakunikela ngakho njengokuphumelela kwakhe, ukuze kuthi lapho ngifika, kungabi yima kuqalwa kuqoqwa umnikelo.


“Ngonyaka uyoletha endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho okwekhethelo kwesivuno sakho sokuqala. “Ungalipheki izinyane lembuzi obisini lukanina.”


Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe, kodwa onomusa kontulayo uhlonipha uMenzi wakhe.


“Awuyukukhohlwa ukuletha iminikelo yesivuno sakho sokusanhlamvu nesewayini. “Amazibulo amadodana akho uyakuwanika Mina.


“Uyoletha endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho isivuno sakho sokuqala. “Awuyukulipheka izinyane lembuzi ngobisi lukanina.”


naleli litshe engilimisileyo laba yinsika liyakuba yindlu kaNkulunkulu, bese kuthi konke ozongipha khona ngikunikele kuwe, kube ngokweshumi.”


Kuyo yonke imisebenzi ayiqalayo uHezekiya eyenzela indlu kaNkulunkulu, umthetho nemiyalo, ukuze afune uNkulunkulu wakhe ngenhliziyo yakhe yonke, waphumelela.


Kwangathi izinqolobane zethu zingaphuphuma isivuno esehlukahlukene, izimvu zethu zande ngezinkulungwane, izinkulungwane ezilishumi emadlelweni akithi.


Umuntu ophanayo uyakuceba; ophuzisa abanye amanzi uyakuphuziswa naye.


Awuzilethanga kimi izimvu zakho zomnikelo wokushiswa; awungidumisanga ngemihlatshelo yakho; angizange ngibe kuwe ngumthwalo ngeminikelo, noma ngikukhathaze ngempepho.


“Uyogubha umkhosi wokuvuna wezithelo zokuqala zomsebenzi wakho owuhlwanyele ensimini. “Ugubhe umkhosi wokuqoqa konke okulime ensimini ekupheleni konyaka.


Ngonyaka wesihlanu niyokudla izithelo zayo, ukuze ithele kakhulu; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


Niyonikela ngeqebelengwane lenhlama yenu yokuqala libe ngumnikelo wokuphakanyiswa; njengalokhu nenza umnikelo wokuphakanyiswa wesibuya, niyowenza kanjalo.


nomLevi, lokhu engenasabelo nafa nawe, umfokazi, intandane, nomfelokazi, abasemizini yenu. Bayoza, badle, basuthe ukuze uSimakade uNkulunkulu wenu anibusise emsebenzini wonke wesandla senu eniwenzayo.”


Kwaphendula u-Azariya, umphristi omkhulu, wendlu kaZadoki, wathi: “Kusukela ngesikhathi okuqalwe ngaso ukuletha iminikelo endlini kaSimakade, sidle sasutha, futhi sinokuningi kunesikudingayo, ngokuba uSimakade ubabusisile abantu bakhe; yingakho sinalokhu okuningi kangaka okuseleyo.”


Kanjalo neyayithole amabili, yazuza amanye amabili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite