Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 3:7 - IsiZulu 2020

7 Ungazishayi ohlakaniphileyo emehlweni akho; mesabe uSimakade, uqhele ebubini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho; mesabe uJehova, udede ebubini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho; yesaba uJehova, udede ebubini.

Gade chapit la Kopi




IzAga 3:7
19 Referans Kwoze  

Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi kungukuhlakanipha; ukusuka enkohlakalweni kungukuqonda.’ ”


Nibe mqondo munye, nicabangelane ngokufanayo; ningazikhukhumezi, kodwa zihlanganiseni nabathobekileyo. Ningazishayi abahlakaniphileyo.


Kunethemba ngesiwula kunozibona ehlakaniphile emehlweni akhe.


Kwakukhona indoda e-Uzi egama layo kwakunguJobe; leyo ndoda yayingenasici; iqotho, imesaba uNkulunkulu, futhi ikugwema okubi.


Ngomusa neqiniso isiphambeko siyathethelelwa, ngokwesaba uSimakade ububi buyadeda.


Nasi isiphetho sendaba, lapho konke sekuzwakele: mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalelo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.


Maye kulabo abazibona behlakaniphile, nabazibona benokuqonda!


Ukwesaba uSimakade kungumthombo wokuphila, ukuze umuntu adede ezingibeni zokufa.


Bazalwane, angithandi ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo: yazini ukuthi u-Israyeli usenziwe waba lukhuni okwamanje, kuze kupheleliswe isibalo sabezizwe.


Ababusi engibalandelayo babethwesa abantu umthwalo onzima, befuna intela yokudla newayini, ngaphezu kwezinhlamvu ezingama-40 zesiliva abebevele bezikhokha. Ngisho nezinceku zabo zabacindezela abantu, kodwa mina angenzanga kanjalo, ngenxa yokwesaba uNkulunkulu.


UMose wathi kubantu: “Ningesabi; uNkulunkulu uze ukuba anivivinye nokuba anifake uvalo ukuze ningoni.”


UDavide wayesesukuma emhlabathini, wageza, wazigcoba, waphendulela izingubo zakhe, wangena endlini kaSimakade wakhothama, wakhuleka. Wayeseya endlini yakhe wacela ukudla, bakubeka phambi kwakhe, wadla.


Ukwesaba uSimakade kungukuzonda okubi. Ukuzikhukhumeza, ukuzidla, indlela embi, nomlomo ophoxayo, ngiyakuzonda.


Ohlakaniphileyo uyesaba, futhi uyadeda ebubini, kodwa isiwula siyaqhosha, asinaki lutho.


Ungazikhandli ukuze ucebe; hlakanipha ngokwanele, ulinde.


Phendula isiwula njengobuwula baso, funa sibe ngohlakaniphileyo emehlweni aso.


Ocebileyo uhlakaniphile emehlweni akhe, kodwa ompofu onokuqonda uyamhlolisisa, ambone.


Owethembela enhliziyweni yakhe uyisiwula, kepha ohamba ngokuhlakanipha uyakhululwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite