Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 3:3 - IsiZulu 2020

3 Ububele neqiniso makungakushiyi; kubophele entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Isihhe neqiniso makungakushiyi; kubophe entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ungaphelelwa umusa nokuthembeka; zibophe entanyeni yakho; kulobe esibhebheni senhliziyo yakho.

Gade chapit la Kopi




IzAga 3:3
23 Referans Kwoze  

Nibonakalisa ukuthi niyincwadi kaKhristu eyenziwe ngokukhonza kwethu, elotshwe hhayi ngoyinki, kepha ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo. Ayilotshiwe ezibhebheni zamatshe, kodwa ezibhebheni eziyizinhliziyo zenyama.


Kubophele eminweni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho.


“Yilesi sivumelwano engizakusenza nabo, emva kwalezo zinsuku, kusho iNkosi. Ngiyakufaka imithetho yami ezinhliziyweni zabo, ngiyiqophe engqondweni yabo,


Yibophele njalo enhliziyweni yakho, uyithandele entanyeni yakho.


Imfundiso yeqiniso yayisemlonyeni wakhe, okungalungile akutholakalanga ezindebeni zakhe. Wahamba nami ngokuthula nangobuqotho, wasusa abaningi esonweni.


ngokuba isithelo sokukhanya sisebuhleni bonke, ekulungeni naseqinisweni;


Ngomusa neqiniso isiphambeko siyathethelelwa, ngokwesaba uSimakade ububi buyadeda.


Umusa neqiniso kuyayilonda inkosi; isihlalo sayo sobukhosi sisekelwa ngomusa.


iyoba ngumqhele wobuhle ekhanda lakho, nomgexo entanyeni yakho.


Enhliziyweni yami ngiyalilonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.


Zonke izindlela zikaSimakade ziyisihawu nokwethembeka kulabo abagcina isivumelwano sakhe, nobufakazi bakhe.


“Kuyakuba kuwe wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuze umthetho kaSimakade uhlale ezindebeni zomlomo wakho , ngokuba ngesandla esinamandla uSimakade wakukhipha eGibhithe.


“Isono sakwaJuda silotshwe ngosiba lwensimbi lokuloba; siqoshwe ngesihloko sedayimane ezibhebheni zenhliziyo yabo, nasezimpondweni zama-althare enu.


Uyakuwabophela abe wuphawu esandleni sakho, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho.


Yizwani izwi likaSimakade nina bantu bakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade umangalela izakhamuzi zezwe, phela akukho kwethembeka, naqiniso, nalwazi ngoNkulunkulu ezweni.


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba ninikela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, kodwa nikushaye indiva okudingwa ngumthetho: ubulungiswa, isihawu, nokukholwa! Benifanele ukwenza lokho, kodwa ningakuyeki nalokhu komthetho.


Usanda kufika nje, manje usufuna ngikuzulazulise nathi na? Mina ngisaya lapho ngiya khona. Phindela emuva wena, ubuyele nabafowenu; umusa neqiniso kube nawe.”


Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso, kwangane ukulunga nokuthula.


Abaduki yini abaceba okubi na? Umusa neqiniso kungokwabahlela okuhle.


USimakade wadlula phambi kwakhe, wamemezela wathi: “USimakade! USimakade! UNkulunkulu onesihe nomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene nokwethembeka,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite