Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 3:24 - IsiZulu 2020

24 Uma ulala, awuyukwesaba lutho; nalapho usulele, uyoba nobuthongo obumnandi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Lapho ulala phansi, awuyikwesaba lutho; nanxa usulale phansi, ubuthongo bakho buyakuba mnandi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Lapho ulala, ungesabi; yebo, uyolala, futhi ubuthongo bakho buyoba mnandi.

Gade chapit la Kopi




IzAga 3:24
21 Referans Kwoze  

Ngabeka uhlangothi phansi, ngazunywa ngubuthongo; ngavuka, ngokuba uSimakade ungisekele.


Ngiyakulala phansi ngokuthula, ngilalise okwengane, ngoba nguWena wedwa, Simakade, ongenza ngihlale ngiphephile.


Mayikuhole ekuhambeni kwakho, ikulinde lapho ulele, ikhulume nawe lapho uvuka.


Ngase ngiphaphama, ngabheka; ngangikade ngilele obumnandi ubuthongo.


Uyakulala, kungabi bikho okuphazamisayo; abaningi bayakuzincengela kuwe.


“ ‘Ngiyakuninika ukuthula ezweni, nilale ningesatshiswa muntu. Ngiyakuziqeda nya izilwane ezimbi ezweni, nenkemba ayiyukudabula ezweni lakini.


Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni, nephuze ukuphumula, nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.


Ngiyakuzelusela Mina izimvu zami, ngizenze zibuthise,” kusho iNkosi uSimakade.


Kwathi ngosuku uHerode ayehlose ukumkhuphula ngalo amyise kubantu, ngalobo busuku uPhethro walala phakathi kwamabutho amabili, eboshwe ngamaketanga amabili, kukhona nabalindi phambi komnyango ababeqaphe ijele.


Inhliziyo yakhe yesekelwe, akesabi, aze abone izitha zakhe zinqotshwa.


Kodwa lowo ongilalelayo uyohlala ephephile, angabi naluvalo lokwehlelwa ngokubi.”


Kumnandi ukulala kosebenzayo, noma ngabe udle kakhulu, noma udle kancane, kodwa ubuningi bengcebo buyamqwashisa ocebileyo.


Umbuso kaJehoshafathi waba nokuthula ngenxa yokuthi uNkulunkulu wakhe wayemnike ukuphumula nxazonke.


Angiyukuzesaba izindimbane zabantu abangihaqe nxazonke.


Awuyukwesaba okwesabisayo ebusuku, nomcibisholo ondizayo emini,


Ukumesaba uSimakade kuholela ekuphileni; onakho uhlala enelisiwe, akehlelwa ngokubi.


Uyakumiswa ngokulunga; ube kude nokucindezelwa, ngokuba awuyukwesaba, novalo luyoba kude nawe.


“ ‘ “Ngiyakwenza nazo isivumelwano sokuthula, ngiqede izilwane ezimbi ezweni, zihlale zilondekile ehlane, zilale emahlathini.


Umuthi osendle uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi ukhiqize ukudla kwawo, zihlale zilondekile ezweni lazo; ziyakukwazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengizaphulile izikeyi zejoka lazo, futhi ngazihlenga esandleni salabo ababezenze izikhonzi zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite