Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 3:2 - IsiZulu 2020

2 khona iyakwenezela kuwe izinsuku, neminyaka yokuphila nokuthula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 ngokuba iyakwenezela kuwe ubude bezinsuku, neminyaka yokuphila, nokuthula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngoba iyakwenezela kuwe ubude bezinsuku, nokuphila, nokuthula.

Gade chapit la Kopi




IzAga 3:2
22 Referans Kwoze  

Yizwa ndodana yami, wemukele amazwi ami khona iminyaka yokuphila kwakho iyoba miningi.


Izinsuku zakho ziyokwanda ngami, kwenezelwe neminyaka yokuphila kwakho.


Ngiyomsuthisa ngobude bezinsuku zokuphila, ngimbonise insindiso yami.


Sengathi uNkulunkulu wethemba anganigcwalisa ngenjabulo yonke, nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nichichime ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.


ubone abantwana babantwana bakho. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu; akukho sikhubekiso kubo.


Ukwesaba uSimakade kwandisa izinsuku, kodwa iminyaka yezikhohlakali iyancishiswa.


ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo.


Ngakho-ke lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Khristu,


Yacela kuwe ukuphila, wayipha khona; yaphila izinsuku eziningi, kwaze kwaba ingunaphakade.


Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza, kodwa ungukulunga, ukuthula, nokuthokoza kuMoya oNgcwele;


Umsebenzi wokulunga uyokuba ngukuthula, umvuzo wokulunga ube ngukuthula nokulondeka kuze kube phakade.


Uyokufa usumdala impela, njengesixha samabele esibhulweni, ngesikhathi sawo.


ukuba zandiswe izinsuku zakho nezinsuku zabantwana bakho ezweni uSimakade afunga kokhokho bakho ukuthi uzobanika lona, inqobo nje uma umkhathi usephezu komhlaba.


Uma nje uyohamba ngezindlela zami, ugcine izimiso zami nemithetho yami, njengalokhu ahamba uyihlo uDavide, ngiyokwandisa izinsuku zokuphila kwakho.”


Ubumpunga bungumqhele wodumo; bufunyaniswa endleleni yokulunga.


“Niyoqaphela ukuba nenze njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wenu eniyalile, ningaphendukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.


wangifundisa, wathi, kimi: “Inhliziyo yakho mayibambelele emazwini ami, ugcine imiyalelo yami, uphile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite