Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 29:3 - IsiZulu 2020

3 Umuntu othanda ukuhlakanipha uthokozisa uyise, kepha ongumngani wezifebe usaphaza imfuyo yakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Umuntu othanda ukuhlakanipha uthokozisa uyise, kepha umngane wezifebe uchitha imfuyo yakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Othanda ukuhlakanipha uthokozisa uyise; kepha ohamba nezifebe uchitha impahla yakhe.

Gade chapit la Kopi




IzAga 29:3
14 Referans Kwoze  

Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami ukuze ngiphendule ongisolayo.


Kepha kuthe ukuba kufike le ndodana yakho ebhubhudle ifa lakho nezifebe, wayihlabisa ithole elikhuluphalisiweyo.’


Indodana ehlakaniphile iyamthokozisa uyise, kodwa umuntu oyisiwula uyamedelela unina.


Nazi izaga zikaSolomoni: Indodana ehlakaniphileyo iyamthokozisa uyise, kodwa eyisiwula, iwusizi kunina.


“Kwathi emva kwezinsukwana nje, indodana encane yaqoqa konke okungokwayo yahamba, yaya ezweni elikude, yafike yalisaphaza ifa layo, iphila ngendlela eyonakeleyo.


Ogcina umthetho uyindodana ehlakaniphileyo, kanti ongumngani weziminzi uhlazisa uyise.


Ngokuba owesifazane oyisiphingi ungamkhokhela ngeqebelengwane lesinkwa, kepha umfazi ophingayo womuntu, uzingela impilo eyigugu yendoda.


Othanda injabulo uyakuba mpofu, nothanda iwayini namafutha akayukuceba.


Olima insimu yakhe uyosuthiswa ngukudla, kepha olandela amayiyane, uyosutha ubumpofu.


Ndodana yami, uma inhliziyo yakho ihlakanipha, inhliziyo yami iyakuthokoza, yebo, eyami.


Kukhona ingcebo enxanelekayo namafutha endlini yohlakaniphileyo, kepha umuntu oyisiwula uyakugwinya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite