Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 28:8 - IsiZulu 2020

8 Owandisa ingcebo ngenzalo nangenzuzo ethe xaxa, uyiqoqela onomusa kwabampofu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Owandisa imfuyo yakhe ngenzalo nangenzuzo uyibuthela onomusa kwabampofu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Lowo owandisa impahla yakhe ngenzalo nangenzuzo engalungile, kumelwe ayiqoqele lowo ohawukela abampofu.

Gade chapit la Kopi




IzAga 28:8
13 Referans Kwoze  

Olungileyo ushiyela abantwana babantwana bakhe ifa, kepha ingcebo yesoni ibekelelwa olungileyo.


Ngokuba uNkulunkulu umupha ukuhlakanipha, nokuqonda nentokozo umuntu omthokozisayo, kodwa isoni usinika umsebenzi wokuqokelela nokumbondela, ukuze siwunike lowo othokozisa uNkulunkulu. Nalokho kuyize, kufana nokubamba utalagu.


Awuyukuthatha kuye inzalo nenzuzo, kodwa uyomesaba uNkulunkulu wakho, ukuze umfowenu ahlale nawe.


ingabancishi abampofu, ingamukeli inzalo nenzuzo, yenza izehlulelo zami, futhi ihamba ngezimiso zami; ayiyukufa ngenxa yokona kukayise, iyakuphila nokuphila.


“Uma uboleka omunye wabantu bami imali, uboleka ompofu phakathi kwenu, awuyukumphathisa okombolekisi wemali, awuyukumbiza nzalo.


ibolekisa ukuze ithole inzalo, ithatha inzalo; ngabe iyakuphila yini na? Qha, ayiyukuphila, ngokuba yenze zonke lezo zinengiso; iyakubulawa nokubulawa, igazi layo libe phezu kwayo.


engabolekisi ukuze athole inzalo, engamukeli nzuzo ngokungafanele, eziqoqa ebubini, enza ubulungiswa phakathi kwabantu abaphikisanayo,


Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe, kodwa onomusa kontulayo uhlonipha uMenzi wakhe.


Ompofu uzondwa ngisho nayizihlobo zakhe; kakhulu kangakanani-ke abangani bakhe? Bayaziqhelelanisa naye; noma efuna ukukhuluma nabo, abatholwa ndawo.


Ixhukazana uyakulibuyisela seliphindwe kane ngenxa yokuba enze lokho, futhi engabanga nasihawu.”


Iyakuhawukela odangeleyo nompofu, isindise imiphefumulo yabampofu.


Owedelela umakhelwane wakhe uyona, kodwa lowo onomusa kwabampofu ubusisiwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite