Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 28:5 - IsiZulu 2020

5 Abantu ababi ababuqondi ubulungiswa, kodwa abafuna uSimakade, bakuqonda konke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Abantu ababi abaqondi ukwahlulela, kepha abafuna uJehova baqonda konke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ababi abaqondi kahle, kepha abafuna uJehova baqonda konke.

Gade chapit la Kopi




IzAga 28:5
18 Referans Kwoze  

Nina-ke, ugcobo enalwamukela kuye luhlala kini, anidingi ukuba anifundise, kodwa lokho kunigcoba kwakhe yikhona okunifundisayo ngakho konke; kuyiqiniso, akusiwo amanga, njengalokhu-ke kunifundisile, hlalani kuye.


Kepha uma kukhona omunye phakathi kwenu oswele ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngokungagodli futhi engabalisi; uyakuphiwa lokho.


Ninogcobo oluvela koNgcwele futhi nazi konke.


Umuntu oyisiwula akanalwazi, nesiphukuphuku asikuqondi lokhu.


Uma umuntu efuna ukwenza intando kaNkulunkulu, uyakwazi ngemfundiso, ukuthi ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami nje.


Ukuhlakanipha kuphakeme kakhulu esiwuleni, sona asiwuvuli umlomo waso esangweni.


Indlela yokuphila imholela kweliphezulu ohlakaniphileyo, ukuba angayi endaweni yabafileyo.


Ngiqonda ukwedlula izingwevu, ngokuba ngigcina iziyalezo zakho.


USimakade ungumngani walabo abamesabayo, ubafundisa ukuba basazi isivumelwano sakhe.


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bayizingcweti ekwenzeni okubi, abakwazi ukwenza okuhle.”


khona uyoqonda ukulunga, nokwehlulela neqiniso, nezindlela zonke ezinhle.


Yathi: “Hamba uthi kulaba bantu: “ ‘Yizwani, yizwani, kodwa ningaqondi; bonani, bonani, kodwa ningazi.’


Kabazi, kabaqondi, ngokuba amehlo abo uwasilekile ukuze bangaboni, nezinhliziyo zabo ukuze bangaqondi.


Ngemiyalo yakho, ngiyahlakanipha kunezitha zami, ngokuba inami kuze kube phakade.


Inkabi iyamazi umniniyo, nembongolo umkhombe lapho umniniyo eyiphakela khona, kodwa u-Israyeli akazi, abantu bami kabaqondi.”


“Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” kusho uSimakade. “Banqwabelela ubudlova nempango ezinqabeni zabo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite