Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 28:4 - IsiZulu 2020

4 Abalahla umthetho batusa izikhohlakali, kepha abagcina umthetho balwa nazo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Abashiya umthetho badumisa ababi, kepha abagcina umthetho balwa nabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Abashiya umthetho badumisa ababi, kepha abagcina umthetho baphikisana nabo.

Gade chapit la Kopi




IzAga 28:4
31 Referans Kwoze  

Bathi nakuba bezazi izimiso ezilungileyo zikaNkulunkulu zokuthi abenza lezi zinto bafanele ukufa, kabagcinanga nje ngokuzenza, kodwa babuye bavuna labo abazenzayo.


Ningahlanganyeli emisebenzini yobumnyama engenazithelo, kodwa kunalokho niyidalule,


Lokhu uJohane wayesho kuye ukuthi: “Awuvunyelwe ukuba umthathe.”


Kepha kwathi lapho ebona abaFarisi nabaSadusi abaningi beza embhabhadisweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onixwayise ukuba nibalekele intukuthelo ezayo na?


Noma engawubusisa umphefumulo wakhe esaphila, futhi abantu bamtuse, ngokuba uzenzele kahle,


Kepha wathi: “Mina angimhluphanga u-Israyeli, kodwa nguwe nendlu kayihlo, ngokuba niyilahlile imiyalo kaSimakade, nalandela oBhali.


Bathandekayo, ngisha amashushu ngifuna ukunilobela ngensindiso esiyihlanganyele sonke, ngikuthola kubalulekile ukuba nginilobele, nginikhuthaze ukuba nilulwele ukholo olwabekwa kwabakanye kwabangcwele.


Bona bangabezwe; ngalokho bakhuluma okwezwe, nezwe liyabezwa.


Lokho kwadala ukungaboni ngaso linye nempikiswano phakathi kwabo noPawula noBharnabha, base benquma ukuba uPawula, uBharnabha, nabathile babo bakhuphukele eJerusalema, baye kubaphostoli nakumalunga maqondana nalolu daba.


Isikhohlakali siyazigabisa ngokufiswa yinhliziyo yaso. Abanomhobholo bayaqanganisa, bedelela uSimakade.


U-Eliya wasondela kubo bonke abantu, wathi: “Kuyoze kube nini ninqikaza phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uSimakade enguNkulunkulu, mlandeleni Yena, kodwa uma kunguBhali, landelani yena.” Kepha abantu kabamphendulanga ngazwi.


Kepha noma sasihlushiwe phambilini, futhi saphathwa kabi eFiliphi, njengokuba nazi, nokho saba nesibindi kuNkulunkulu wethu, sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu, sibhekene nobunzima obukhulu.


Kepha lapho abanye sebeqinise amakhanda, bengalaleli futhi bejivaza leyo Ndlela phambi kwesixuku, wasuka kubo, wathatha abafundi, waba nezinkulumompikiswano imihla ngemihla esikoleni sikaTharanu.


Abantu bamemeza bathi: “Yizwi likaNkulunkulu, akusilo elomuntu.”


UJesu waphendula, wathi kuye: “Vuma manje, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke.” Ngakho-ke wamvumela.


“Ezweni kwenzeke okumangalisayo nokwesabekayo.


UJehoyada, indodana ka-Eliyashibhi, umphristi omkhulu, wavumela indodana yakhe ukuba iganwe yindodakazi kaSanibhalathi waseBhethi Horoni, ngakho-ke ngamxosha.


Ngalezo zinsuku ngabona abantu kwaJuda bekhama amagilebhisi ngeSabatha. Abanye babethwese izimbongolo zabo okusanhlamvu, iwayini, amagilebhisi, amakhiwane nezinye izinto, bekuyisa eJerusalema; ngabexwayisa ukuthi bangathengisi lutho ngeSabatha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite