Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 28:16 - IsiZulu 2020

16 Umbusi ongenakuqonda ungumcindezeli ononya, kodwa ozonda inzuzo engalungile uyophila isikhathi eside.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Wena sikhulu esingenakuqonda nesicindezelayo, ozonda inzuzo engalungile uyakwandiza izinsuku zakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Isikhulu esiswele ukuqonda singumcindezeli omkhulu; kepha ozonda ukuhaha uyakwandisa izinsuku zakhe.

Gade chapit la Kopi




IzAga 28:16
11 Referans Kwoze  

Zifunele phakathi kwabo amadoda ahloniphekile, amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekile, akuzondayo ukuthola inzuzo ngokungalungile, uwabeke abe yizinduna zezinkulungwane, zamakhulu, zama-50, nezeshumi.


Abantu bami bacindezelwa yizingane, babuswa ngabesifazane. Bantu bami, abaniholayo bayanidukisa; baphambanisa indlela eniziphatha ngayo.


Ngabuye ngabona konke ukucindezela okwakwenziwa phansi komthunzi welanga. Bheka, izinyembezi zabacindezelwe bengenabani wokubaduduza! Uhlangothi lwabacindezeli lwalunamandla, kanti nalo lungenabani wokulududuza.


Ababusi engibalandelayo babethwesa abantu umthwalo onzima, befuna intela yokudla newayini, ngaphezu kwezinhlamvu ezingama-40 zesiliva abebevele bezikhokha. Ngisho nezinceku zabo zabacindezela abantu, kodwa mina angenzanga kanjalo, ngenxa yokwesaba uNkulunkulu.


Yakhuluma kubo njengokwelulekwa yizinsizwa, yathi: “Ubaba wayenethwese ijoka elinzima, mina-ke ngizothasisela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngizonishaya ngofezela.”


Izinsizwa ezaziyintanga yakhe zathi kuye: “Uyothi kulaba bantu abakhulume kuwe, bathi: ‘Uyihlo walenza laba nzima ijoka lethu, kepha wena lenze libe lula kithina,’ uyokhuluma kanje kubo: ‘Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa.


Yizwani leli lizwi, nina zinkomo zaseBhashani enisentabeni eSamariya, enicindezela abampofu, niphathe kabi abantulayo, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


Maye, kuwe lizwe elibuswa yinkosi esencane, izikhulu zakho zizitika ngedili kusuka ekuseni!


Othola inzuzo ngokungafanele uhlupha umndeni wakhe, kepha ozonda ukufunjathiswa uyophila.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite