Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 27:3 - IsiZulu 2020

3 Itshe liyasinda nesihlabathi sinzima, kodwa ukuchukuluza kwesiwula kusinda ukwedlula kokubili.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Itshe liyasinda nesihlabathi sinzima, kepha ukukhathaza kwesiwula kuyasinda kunakho kokubili.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Itshe linzima nesihlabathi; kepha ulaka lwesiwula lunzima kunazo zombili.

Gade chapit la Kopi




IzAga 27:3
12 Referans Kwoze  

Khona uNebukhadinezari wathukuthela wafa, nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa kaShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sibaselwe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okwejwayeleke ukuba sibaselwe ngakho.


kungabi njengoKhayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kodwa eyomfowabo ilungile.


Kungcono ukuhlangana nebhere elephucwe amawundlu alo, kunesiwula ebuwuleni baso.


Maluqalekiswe ulaka lwabo ngokuba luyavutha, nentukuthelo yabo ngokuba iwunya. Ngizobehlukanisela kwaJakobe, ngibahlakazele kwa-Israyeli.


Ngokuba isiwula sibulawa ngukukhathazeka, nesiduphunga sibhujiswa ngumhawu.


Isiwula sikukhombisa masinyane ukuthukuthela kwaso, kodwa onengqondo uyalifihla ihlazo.


Mawutuswe ngomunye, kungabi ngowakho umlomo; kube ngumfokazi, hhayi izindebe zakho.


Ulaka lungulunya nentukuthelo iyisikhukhula, kepha ngubani ongema phambi komhawu na?


Lapho imbongolo iyibona ingelosi kaSimakade, yalala phansi kwacindezeleka uBhileyamu egibele kuyo, wathukuthela kakhulu, wayibhonya ngenduku yakhe imbongolo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite