Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 26:12 - IsiZulu 2020

12 Kunethemba ngesiwula kunozibona ehlakaniphile emehlweni akhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Uyabona umuntu ohlakaniphile emehlweni akhe na? Kukhona ithemba ngesiwula kunaye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Uyambona umuntu ohlakaniphileyo emehlweni akhe na? kukhona ithemba ngesiwula kunaso.

Gade chapit la Kopi




IzAga 26:12
17 Referans Kwoze  

Uyambona umuntu oshesha ukukhuluma, ungcono umuntu oyisiwula kunaye.


Nibe mqondo munye, nicabangelane ngokufanayo; ningazikhukhumezi, kodwa zihlanganiseni nabathobekileyo. Ningazishayi abahlakaniphileyo.


Ocebileyo uhlakaniphile emehlweni akhe, kodwa ompofu onokuqonda uyamhlolisisa, ambone.


Ngokuba uthi: “Ngicebile, nginomnotho omningi, angiswele lutho,” kanti kawazi ukuthi nguwe kanye olusizi, odabukisayo, ompofu, ophuphuthekayo nohamba ze.


“Iyiphi kula madodana amabili eyenza intando kayise na?” Bathi kuye: “Eyokuqala.” UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: abathelisi nezifebe bangena ngaphambi kwenu embusweni kaNkulunkulu.


Phendula isiwula njengobuwula baso, funa sibe ngohlakaniphileyo emehlweni aso.


UmFarisi wema, wakhuleka wathi: ‘Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabo abanye abantu: izigebengu, izikhohlakali, iziphingi, nanjengalo mthelisi.


Waphendukela kowesifazane, wathi kuSimoni: “Uyambona lo wesifazane na? Ngingene endlini yakho, awunginikanga amanzi okugeza izinyawo, kodwa lo wesifazane umantisile izinyawo zami ngezinyembezi zakhe, wazesula ngezinwele zakhe.


Ivila lihlakaniphile emehlweni alo, kunabayisikhombisa abakhuluma okuhluzekile.


Uyambona umuntu onekhono, uyosebenzela amakhosi, hhayi abantukazana.


Ungazishayi ohlakaniphileyo emehlweni akho; mesabe uSimakade, uqhele ebubini.


UJesu wathi kubo: “Uma beniyizimpumputhe, ngabe aninasono. Kepha lokhu nithi: ‘Siyabona;’ isono senu sikinina.”


Indlela yesiwula ibukeka ilungile emehlweni aso, kepha lowo olalela iseluleko uhlakaniphile.


Owethembela enhliziyweni yakhe uyisiwula, kepha ohamba ngokuhlakanipha uyakhululwa.


Maye kulabo abazibona behlakaniphile, nabazibona benokuqonda!


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite