Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 24:21 - IsiZulu 2020

21 Ndodana yami, mesabe uSimakade nenkosi, ungazihlanganisi nabamelana nabo,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ndodana yami, yesaba uJehova nenkosi, ungahlangani nabahlubukayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ndodana yami, yesaba uJehova nenkosi, ungagxambukeli kwabaguqukileyo.

Gade chapit la Kopi




IzAga 24:21
16 Referans Kwoze  

Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, futhi bakulungele ukwenza yonke imisebenzi emihle;


Wonke u-Israyeli lapho ebona ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu bayiphendula inkosi, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Asinafa endodaneni kaJese. Israyeli, buyela emathendeni akho, zibhekele indlu yakho manje, Davide.” U-Israyeli wabuyela emathendeni akhe.


Bathi: “NgokaKhesari.” Wayesethi kubo: “Ngakho-ke nikani uKhesari okukaKhesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”


U-Israyeli wawabona amandla amakhulu abonakaliswa nguSimakade phezu kwabaseGibhithe, abantu bakholwa nguSimakade nayinceku yakhe uMose.


Wayesethi kubantu bakhe: “Akufanele neze, Simakade ukuba ngenze into enjengale enkosini yami, ogcotshiweyo kaSimakade, ngimbulale, ngokuba ungogcotshiweyo kaSimakade.”


Amabutho empi ahlakazeka agcwala iziganga, ihlathi lawaqeda amaningi, kunalawo adliwa yinkemba ngalolo lusuku.


Bonke abebekade bemenywe ngu-Adoniya besaba, basuka bonke bahamba, kwaba yilowo nalowo wabamba abeze ngayo.


Omubi ufuna ukuhlubuka kuphela, ngalokho uyakuthunyelwa isithunywa esinonya.


Inhliziyo yakho mayingabi nomhawu ngezoni, kunalokho mesabe njalo uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite