Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 24:15 - IsiZulu 2020

15 Wena sikhohlakali ungayicutheli indlu yolungileyo, ungayibhubhisi indawo yakhe yokuphumula,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Wena omubi ungaqamekeli indlu yolungileyo, ungachithi indawo yakhe yokuphumula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ungalindi ikhaya labalungileyo, wena mubi; indawo yakhe yokuphumula ayichithwanga;

Gade chapit la Kopi




IzAga 24:15
16 Referans Kwoze  

Kepha icebo labo laziwa nguSawula. Babemlindela ngisho nasemasangweni, imini nobusuku, ukuze bambulale.


Kepha mina nganginjengewundlu eliholwa liyohlatshwa; ngangingazi ukuthi kanti bangicebela amacebo, bethi: “Masisicekele phansi isihlahla nezithelo zaso, simnqume ezweni labaphilayo, ukuze igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.”


Abantu bami bayakuhlala emathendeni okuthula, asezindlini eziphephileyo, nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula.


Abazidlayo bangithukusele ugibe, ngezintambo bendlala inetha, eceleni kwendlela, bangibekela izihibe. Sela


becela umusa kuye ukuba ambizele eJerusalema uPawula; base bakhe uzungu lokumbulala endleleni.


Kepha umshana kaPawula walizwa icebo labo lokumlalela unyendle, bambulale, wayeseya enkanjini, wangena, wambikela uPawula.


Bakha uzungu lokuba bambambe uJesu ngobuqili, bambulale.


Ungasisusi isikhonkwane esidala esashayelwa ngokhokho bakho.


uma zithi kuwe: “Woza, hamba nathi ukuze sibalalele unyendle, ngaphandle kwesizathu, sichithe igazi labangenacala!


Ngokuba, bheka, baqamekela impilo yami, iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko nasono kimi, Simakade.


Bayangihlasela, bangicuthele, baqaphe izinyathelo zami, baqamekele umphefumulo wami.


Omubi uqamekela olungileyo, ufuna ukumbulala.


Besakhuphuka ummango bephikelele emzini bahlangana namantombazane eyokukha amanzi, bathi kuwo: “Ukhona yini umboni na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite