IzAga 24:12 - IsiZulu 202012 Uma uthi: “Bheka, besingakwazi lokhu;” akakuqondi yini lowo ohlola izinhliziyo na? Nolonda umphefumulo wakho akakwazi na? Futhi akayukuphindisela yini kumuntu ngokwemisebenzi yakhe na? Gade chapit laIBHAYIBHELI ELINGCWELE12 Uma uthi: “Bheka, besingakwazi,” akakuqondi yini olinganisa izinhliziyo, nolonda umphefumulo wakho akakwazi, na? Futhi akayikuphindisela bonke abantu ngokwemisebenzi yabo na? Gade chapit laContemporary Zulu Bible 202412 Uma nithi: Bheka, besingakwazi lokhu; Uyakucabangela lokho inhliziyo ekuzindlayo? ogcina umphefumulo wakho akakwazi na? futhi ngeke yini abuyisele kulowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe? Gade chapit la |
kepha uziphakamisile wamelana neNkosi yasezulwini. Balethe kuwe izitsha zendlu yakhe; wena, nezinduna zakho, nomkakho, nezancinza zakho naphuza iwayini ngazo. Wena ubadumisile onkulunkulu besiliva, abegolide, abethusi, abensimbi, abomuthi, nabetshe, abangaboni, abangezwa, abangazi, kodwa awumdumisanga uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho.