Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 24:1 - IsiZulu 2020

1 Ungabi namhawu ngabantu ababi, ungafisi ukuba nabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ungabi namhawu ngabantu ababi, ungafisi ukuba nabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ungabi lomhawu ngabantu ababi, ungafisi ukuhlala labo.

Gade chapit la Kopi




IzAga 24:1
16 Referans Kwoze  

Thula phambi kukaSimakade, umlindele ngesineke; ungakhathazeki ngonempumelelo endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi.


Ungabi namhawu ngomuntu oyisidlova, ungakhethi neyodwa yezindlela zakhe,


Inhliziyo yakho mayingabi nomhawu ngezoni, kunalokho mesabe njalo uSimakade.


Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha ongumngani weziwula uyolimala.


Ngaba nomhawu ngabazidlayo, lapho ngibona ababi bephumelela.


Ungakhathazeki ngababi, ungabi namona ngabenza okungalungile,


Ungazikhathazi ngabenza okubi, ungabi namhawu ngezikhohlakali.


Ungangilahli kanye nezoni, nomphefumulo wami kanye nabantu abalambele igazi,


Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeseluleko sababi, ongemi endleleni yezoni, ongabi mdibi munye nabaklolodayo,


Ungalubhadi unyawo lwakho endleleni yezikhohlakali, ungahambi emkhondweni wababi.


Yigweme, ungahambi ngayo; chezuka kuyo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite