Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 22:9 - IsiZulu 2020

9 Ophanayo uyobusiswa, ngoba wabelana ukudla nabampofu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Oneso elimnene uyakubusiswa, ngokuba uyapha ompofu okwesinkwa sakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Oleso eligcweleyo uzabusiswa; ngoba upha abayanga isinkwa sakhe.

Gade chapit la Kopi




IzAga 22:9
29 Referans Kwoze  

Onomusa kompofu wetsheleka uSimakade; uyakuthola umvuzo.


Ngokuba uNkulunkulu akasiye ongalungile ukuba akhohlwe ngumsebenzi wenu nothando enalubonakalisa egameni lakhe, lokhu ngokukhonza abangcwele, futhi enisalokhu niqhubeka nibakhonza.


Yamukelanani yilowo nalowo, ningabi nakukhononda.


Kukho konke lokhu, nganikhombisa ukuthi kumele ukuba nisebenze kanzima, nibasize ababuthakathaka, niwakhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuthi Yona yathi: ‘Kubusesikile kakhulu ukupha kunokwemukela.’ ”


Ningakhohlwa ukwenza okuhle nokwabelana, ngokuba uNkulunkulu uyathokoza ngeminikelo enjalo.


Kepha uma wenza idili, mema abampofu, abakhubazekileyo, izinyonga, nezimpumputhe;


Kodwa ohloniphekileyo uceba okuhloniphekileyo, futhi umi ngezinto ezihloniphekile.


Ovala indlebe ekukhaleni kwabampofu, naye uyokhala angaphendulwa.


Ubapha ngesihle abantulayo, ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade, amandla akhe ayophakama ngodumo.


Umuntu ophanayo uyakuceba; ophuzisa abanye amanzi uyakuphuziswa naye.


ukuphinga, umona, nabo bonke ububi, inkohliso, ukonakala okukhulu, iso elibi, ukuhlambalaza, ukuzidla, nobuwula.


Angivunyelwe yini ukwenza engikuthandayo ngokungokwami na? Ngabe iso lakho libi, ngenxa yokuba ngiyephana na?’


Owesifazane ontekenteke, ozwelayo phakathi kwenu, othambe ngendlela yokuthi akakaze azame ngisho ukubeka amathe onyawo lwakhe emhlabathini, ngenxa yokuthamba nokutetema, uyakuyikluluza indoda yakhe ayithandayo, nendodana yakhe, nendodakazi yakhe,


Uyamvulela ohluphekayo isandla sakhe, yebo, uyabapha nabantulayo.


Umuntu onesihawu uwenzela okuhle umphefumulo wakhe, kepha ononya uzilimaza yena uqobo.


Ofuna okuhle ufuna okwamukelekayo, kepha ofunisisa okubi kuyakumehlela.


Owedelela umakhelwane wakhe uyona, kodwa lowo onomusa kwabampofu ubusisiwe.


Ophanga uyise nonina, ethi: “Akusiso isiphambeko,” yena ungumngani wombhubhisi.


Opha ompofu akayukuswela, kepha ositheza amehlo akhe uyakuba neziqalekiso eziningi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite